UKUPHUNYUKWA yiqatha likaR8 million kwiMTN8 kuzokwenza AmaZulu FC afake umfutho ongaphezulu kwiMamelodi Sundowns abazodudulana nayo kowokuvula inkundla kwiCarling Black Label Cup ngoMgqibelo ngo-9 ekuseni eFNB Stadium.
Lokhu kushiwo ngukaputeni waMaZulu, uMakhehleni Makhaula, ozifake ezinhliziyweni zabaningi ngendlela adlale kahle ngayo ngesikhathi AmaZulu eshaywa yi-Orlando Pirates ngo-1-0 kowamanqamu weMTN 8.
UMakhaula ubona ithuba lokusikhiphela kwiSundowns isibhongo.
Ukholwa ukuthi iqembu lihamba ngendlela ekhombisa impumelelo kusukela liwele ezandleni zikamengameli uSandile Zungu.
“Ngesikhathi uZungu efika, uthe ufuna ukuthi siqede sibalwa namaqembu amane aphezulu. Abaningi bambuke sengathi uyahlanya kodwa sigcine siqeda endaweni yesibili ngaleyo sizini,” kusho uMakhaula ngoMsombuluko eKing’s Park Stadium emcimbini weCarling Black Label Cup.
“Ayigcinanga lapho impumelelo kepha sigcine sizithola simele izwe lonke kwiCaf Champions League. Ngesizini edlule siqede sikwiTop 8 njengoba sesishaywa kowamanqamu weMTN 8 kule sizini.
“Konke lokhu kufanele kusinike amandla okuthi siye kwiSundowns ngomfutho, sikhombise ukuthi akuyona inhlanhla njengoba silokhu sibalwa ezintweni ezinkulu,” kuqhuba yena.
Nakuba bebesazikhotha amanxeba ngoMsombuluko kodwa lo mdlali uthembise ukuthi Usuthu luzokwenza baziqhenye ngalo bonke abantu basesifundazweni iKwaZulu Natal.
“Angikungabazi ukuthi singanqoba kwiSundowns inqobo nje uma sizokusebenzisa ngendlela ukuthukuthela kwethu ngenxa yomphumela esiwuthole kowamanqamu weMTN8.
“Ngaphandle kokuthembisa Usuthu oluzobe luyele impi eFNB, ngithembisa uMakhaula ongcono kunalo obonakale kowamanqamu weMTN8. Ngiyolwa. Siyolwa!
“Angisiboni isidingo sokuya emdlalweni wethu neSundowns ngaphandle kokuya ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi sizobe siyingxenye yomdlalo wamanqamu,” kuphetha uMakhaula.
Komunye umdlalo weCarling Cup kuzobhekana iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ngo-12 emini. Abazowina kule midlalo bazoqhuthana kowamanqamu ngo-3 ntambama.