UBONA kwenze umehluko endleleni adlala ngayo ukubambisana nomdlali onamava njengoRama Mphahlele umdlali wasemuva waMaZulu, u-Abbubaker Mobara.
UMobara (28) ufike oSuthwini esuka kwiCape Town City ngoJanuwari nyakenye, waqala wasetshenziswa esiswini ngaphambi kokuthi ahlehliselwe emuva.
Ngesizini edlule, udlale nabadlali abafana noTapelo Xoki noMbongeni Gumede, ngaphambi kokuthi kufike uMphahlele (32), esuka kuKaizer Chiefs sekuzoqala le sizini.
Emidlalweni yokuqala yesizini owayecija uSuthu ngaleso sikhathi, uBrandon Truter, uzame izinhlanganisela ezahlukene emuva kodwa kusukela ngo-Okthoba, waqala ukuhlanganisa uMobara noMphahlele.
"Yinto ebengingenayo isikhathi eside, ukudlala nomdlali oyedwa njalo, selokhu ngagcina ukudlala noTaariq Fielies kwiCape Town City," kusho uMobara.
“Sibambisene kahle noRama. Sihlala isikhathi esiningi sindawonye nangaphandle kwenkundla ukuze siqinise ubudlelwano futhi lokho kuyasiza ukuthi ngiqonde ukuthi uzakwethu ungumuntu onjani.
"URama uyisitobha esizimiselayo ngakho ukuba seduze kwakhe kuyangisiza. Kwesinye isikhathi umqondo wami ubuye usuke emdlalweni kodwa uyakwazi ukungibuyisela."
Lo mdlali oseke wagijima kwi-Orlando Pirates, uthe yize ukulimala kubuye kuphazamise umgqigqo wakhe kodwa uzimisele ngokuthi azikhandle ukuze abuyele ezingeni lakhe eliphezulu.
“Ukulimala kuyingxenye yebhola ngakho angicabangi ukuthi kufanele ngizisole ngenxa yokuthi ngike ngabhekana nezingqinamba ngenxa yokulimala,” usho kanje.
"Okusemqoka yilokho okumele ngikwenze ukuze ngibuyele ezingeni eliphezulu nezingqinamba okumele ngizinqobe mayelana nokulimala nokungadlali imidlalo ethile. Ngizama ukuqina ngokomqondo ukuze ngiqhubeke ngidlale kahle."
Usuthu luzodlala neMarumo Gallants, koweDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium kusasa ngo-8 ebusuku. Luzofika kulo mdlalo libuya ekutheleni iKaizer Chiefs isibhaxu sika-4-0 kodlule.
ABahlabani ba Ntwa badliwe yiRichards Bay FC ngo-2-0 emdlalweni wabo wokugcina kanti sebehlulwe kane kweyisihlanu edlule nokwenza babambe amabhuleki emsileni we-log.
"Into ebaluleke kakhulu ukuthi sidlale kahle siqhubeke nokuthola imiphumela emihle. Ukuyobhekana neMarumo Gallants ngemuva kokunqoba ngo-4-0, kuzoba nzima,” kusho uMobara.
"Ngiyethemba ukuthi indlela esiziqeqeshe ngayo nalokho umqeqeshi akulindele kithina kuzosisiza siwunqobe lo mdlalo .Yithuba lokuthi siqale ukudlala kahle imidlalo ilandelana."
Yize engadumile ngokushaya amagoli kodwa uma kwenzekile uMobara wabhakuzisa inethi, kujwayele ukuba wuhlobo olushiya abalandeli bengawuvali umlomo.
Uthe usazoqhubeka nokugxila emsebenzini wakhe omkhulu wokuvimba izitha kodwa angathanda ukushayela Usuthu igoli uma ithuba likhona.
"Ngiyacabanga ukuthi kufanele ngithuthuke kuleyo ngxenye yomdlalo, ngizame ukuthola amagoli noma ngiphakele ozakwethu amabhola. Ngigxile kakhulu ekumakeni kodwa mhlawumbe ngizowathola amagoli ambalwa," kusho yena.