AKAKHATHAZEKILE ngesimo somqondo sabadlali bakhe umqeqeshi waMaZulu FC, uRomain “Fohloza” Folz, njengoba belungiselela ukubhekana neKaizer Chiefs emdlalweni weDstv Premiership eMoses Mabhida Stadium kusihlwa ngo-7.30.
Usuthu luzongena kulo mdlalo lubheke ukulungisa amaphutha eliwenzile lithelwa phansi yiRoyal AM ngo-2-0 ngempelasonto edlule.
Bekungokokuqala ludliwa emdlalweni weligi selokhu lo mqeqeshi odabuka eFrance, athatha izintambo ngoSepthemba, kodwa bese luvele lulahle inqwaba yamaphuzu emidlalweni emine eliyidlale ngokulingana.
UFolz uthe bayazi ukuthi yini eyenze bakhala ngaphansi bebhekene neThwihli Thwahla, kodwa ulindele ukuthi abadlali bakhe bavuke bazithathe namuhla.
“Ukunqoba nokuhlulwa kuyingxenye yomdlalo. Uma uhlala udabukile izinyanga ezimbili ngemuva kokuhlulwa angicabangi ukuthi kufanele uzibandakanye nezemidlalo kwasekuqaleni.
"Ukuhlulwa akuthokozisi kodwa okusemqoka ukubuyela enkundleni uzame ukwenza kangcono ngokuzayo. Angikholwa ukuthi abadlali abekho esimeni efanele. Siyazi ukuthi sigcine sidliwe kodwa yithuba lokubona ukuthi bangakwazi yini ukuvuka. Ngikholwa ukuthi bazokwenza,“ kusho uFolz.
Njengoba uSuthu lusathoba imivimbo oluyithole kwiRoyal AM, neChiefs izofika kulo mdlalo ihlose ukudlulisa umphumela omubi wokudliwa yiSekhukhune United ngo-1-0.
UFolz uthe akakhathazekile ngokuthi umsebenzi wakhe ungaba sengcupheni uma ehluleka ukuthola iphuzu noma ngaphezulu kwiChiefs.
"Sidinga ukuwina, ayisho lutho ifomu yamaqembu womabili. Bazozama ukunqoba njengoba nathi sizozama ukwenza okufanayo. Kuzocaca enkundleni ukuthi yiliphi iqembu elizoba ngcono futhi sizozama ukuba yilelo qembu.
“Ngeke kube wumdlalo olula kodwa nathi kumele siqinisekise ukuthi umdlalo awulula nakubona. Siyawadinga amaphuzu ukuze sikhuphuke kwi-log ngoba aseneme ngendawo esikuyona.
“Kuzomele siwasebenzise amathuba ngoba siyawakha futhi sijwayele ukufika phambili uma sihlasela. Yinto okumele siyilungise uma sifuna ukunqoba noma yimuphi umdlalo, hhayi lo weChiefs kuphela. Sinabo abadlali abangakwazi ukukwenza lokho, sekuyisikhathi sokuthi zijike izinto.”
Ngesizini edlule, yomibili imidlalo yeligi phakathi koSuthu naMakhosi yaphela zibambene ngo-1-1.
Kule sizini la maqembu asehlangane kathathu, kwemibili yeMTN8 lapho adlala khona ngokulingana ngo-1-1 nango-0-0, nakoweligi owaphela ngo-0-0 ngoSepthemba.
Imidlalo yeDStv Premiership yangempelasonto:
Namuhla - Ngo-7.30pm: AmaZulu v Kaizer Chiefs (Moses Mabhida).
Kusasa - Ngo-3.30pm: Marumo Gallants v Richards Bay (Rustenburg); Orlando Pirates v Lamontville Golden Arrows (Orlando Stadium).
Ngo-5.30pm: Stellenbosch v Sekhukhune United (Danie Crave); Chippa United v Cape Town City (Nelson Mandela Bay Stadium).
NgeSonto - Ngo.3.30pm: Swallows v TS Galaxy (Dobsonville Stadium).
Ngo-5.30pm: Maritzburg United v Royal AM (Harry Gwala Stadium).