AmaZulu FC 0-0 Richards Bay FC
HHAYI ngoba nakhu umdlalo ubusebusuku kodwa obekulindelwe kube yimpi yomkhaya baKwaZulu-Natal eqothula utshani baseMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo phakathi kwaMaZulu FC neRichards Bay FC, igqamise ubumnyama obusibekele lesi sifundazwe kweyeDStv Premiership ngesizini ka-2023/2024.
Indlela abebephume ngayo abalandeli yize bekumakhaza, iwubufakazi bokuthi bebelindele lukhulu.
Kuyiqiniso kodwa ukuthi bagcine benaka ababhidisi babo abebeholwa yisilomo sesiguqa saMaZulu, esidume ngelikaDlamini, yijezi unombolo-8 namagilavu amhlophe.
Kungenzeka-ke ukuthi bese kuyindlela yokuthba amakhaza abasezweliswa nayizinga ebeliphansi lomdlalo.
Kuyiwe kulo mdlalo womabili amaqembu ethungatha iwini yokuqala.
KuMaZulu-ke, bekukubi kakhulu ngoba abesathungatha igoli lokuqala ngqa lesizini ngokunjalo nokuyisa isithunzi kweyomkhaya kwazise ngesizini eyedlule abakaze banqobe nowodwa.
Owayizolo bekungowesibili womkhaya kusuka iqalile isizini kwazise bavule ngeRoyal Am, nayo ebhinjelwa yizinto ngendlela exakile.
Yize ingene kowayizolo isike yayithinta inethi iBay kodwa abawukele eduze lo mdlalo, bafulathele inkundla nombono wokuthi umqeqeshi wayo, uKaitano Tembo, angase abe ohlwini lwabaqeqeshi esizoqala ngabo ukuthi isikebhe kule sizini.
Esinye isithombe esivelelile, ngesokuthi lokhu okwehlele omkhaya bala maqembu, iLamontville Golden Arrows, ibhudluzwa ngo 4-0 ngeledlule, nakubo kuseduze, inqobo nje uma bezohlangana neqembu elikhaliphile.
*Ngesikhathi kudlala lo mdlalo, abantu ezinkundleni zokuxhumana bebematasa bezixoxela nge-Orlando Pirates evule eyeCaf Champions League ngokunquma ngo 1-0 iDjabal eComoros emini.
Lelo goli lePirates kubikwa ukuthi lishaywe nguZakhele Lepasa, oya ngokuya eba ngumshini wamagoli kusuka kuqale isizini.