NGALEYO ndlela, uphonsele amanye amafolosi inselelo yokulwela ijezi umqeqeshi waMaZulu, uBrandon Truter, kulandela ukumiswa kukaGabadinho Mhango.
Uthole ikhadi eliphuzi emdlalweni wabo wakamuva weligi neKaizer Chiefs ophele zibambene ngo-0-0, obekuyikhadi lakhe lesine, nokuholele ekutheni aphuthelwe yilo mdlalo ozayo.
ULehlohonolo Majoro uvalele igoli lokuqoba ngesikhathi ezikaTruter ziguqisa iCape Town City ngo-2-1 kowe-quarterfinal we-MTN 8, ephuma ebhentshini, kanti ungomunye wabadlali lo mqeqeshi abheke ukuthi balibambe ngazo zombili ithuba uma belithola.
"UGaba (Mhango) ungumdlali omqoka kithina futhi nakanjani sizomkhumbula. Nokho sinabo abanye abadlali abafana noDumisani Zuma noMajoro, abangangena basenzele umsebenzi,” kusho uTruter.
“Sinenqwaba yabadlali esingabafaka phambili futhi ngeke ngibakhohlwe nalaba abasebancane, uMsindisi Ndlovu noTebogo Mashigo. Leli yithuba loyedwa walaba badlali engibabalile lokuthi aziphendlele indawo esikimini."
Ngaphandle kukaMhango, uTruter ulindele ukuthi angabibikho uSphesihle Maduna benoSibusiso Magaqa, abangakalulami ngokuphelele, kodwa uthe siyathembisa isimo sika-Abbubaker Mobara, owathinteka ekhanda bebhekene naMakhosi.
Usuthu, olulele endaweni yesine ngamaphuzu angu-11 emidlalweni eyisithupha, luzodudulana neqembu leChippa United elibhekene nobunzima njengoba lisahleli emsileni kwi-log.
IChilli Boys idliwe okwesine kule sizini ishaywa yiMamelodi Sundowns ngo-1-0 ngoLwesithathu ebusuku, futhi isabambe ibhuleki ngamaphuzu amahlanu emidlalweni eyisikhombisa.
"Bazozama ngakho konke okusemandleni abo ukuthi bafike enkundleni yethu bazothatha amaphuzu. Yilolo hlobo lwempi okufanele silulindele. Siyazi ukuthi sizobhekana nani. Bayiqembu elidlala ibhola eliqondile," kuqhuba uTruter.
“Bayawalwela wonke amabhola futhi bajezise amaqembu ngokusebenzisa amakhona nama-freekick. Okumele sikulungise kakhulu yimiqondo yethu.
“Besenza kahle ngaphambi kokudlala ne-Arrows kodwa saya kulowo mdlalo nomqondo ohlukile, sizitshela ukuthi sizonqoba. Sonke siyakwazi okwenzeka lapho kodwa ngiyethemba ukuthi ngeke siliphinde lelo phutha kulo mdlalo weChippa,” kuphetha lo mqeqeshi.