UKUQOKELWA kwiBafana Bafana kwabadlali ababibili abagqame kuMsinga United kuyisiqalo sendlela ebheke ekugezeni igama leqembu elifakwe ugcobho abathile abebenezinhloso ezaziwa ibona.
Lona umbono womqeqeshi waleli qembu, uDoctor Mkhonza, awubeke ngesikhathi ekhuluma neSolezwe ngokuthi uziqhenya kangakanani, ngoNkululeko Miya noThabani Mthembu, abasesikwatini seBafana esisazonqunywa seCosafa Cup ezoqala ngoJulayi 5 eThekwini.
Sekungumlando ukuthi uMiya noMthembu bebegqame kweyokuhlunga kazwelonke ye-ABC Motsepe League ebiseMgungundlovu muva nje. Ukuvelela kwabo kudonse iso lezinhloli zeRichards Bay njengoba bona nomunye uzakwabo, uNkanyiso Ndlovu, besayiniswe yileli qembu elidlala kwiDStv Premiership.
Emuva kokukhishwa koMsinga kowandulela owamanqamu weyokuhlunga, kwasuka esinamathambo kwagcina sekuqhuma inganono eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu. Kukhona abakhombana ngenjumbane naboMsinga ababephume ngobuningi beyokweseka iqembu labo. Ngokwemibiko ukudubula kwaqala ngemuva kokuthi abalandeli bejikijele izigubhu namabhodlela otshwala enkundleni sekuphele umdlalo, bekhala ngezinqumo zikanompempe owayephethe umdlalo.
UMkhonza ukucacisile ukuthi akubahleli kahle ukuthinteka kwegama leqembu ezibhelwini zaseMgungundlovu kodwa okwenzeke kamuva kuklama indima enkulu ekuligezeni.
“Asibona abantu bempi. UMsinga iqembu lebhola elidume ngelikwenza enkundleni hhayi okunye ngakho-ke uma abafana abasuka kithina sebebalwa kwabaqokelwa eqenjini lesizwe kuyasisiza lokhu ukugeza igama leqembu,” kusho uMkhonza.
“Namanje asazi ukuthi yini imbangela yalokhu okwenzeka eMgungundlovu futhi kuze kube imanje asazi ukuthi obani abenza lokhu okugcine kunamathela kithina. Izinhloso zabo namanje asizazi.
“Kuyasijabulisa nokho ukuthi igama leqembu kukhulunywa ngalo ngenxa yezindaba ezinhle nangokuba sezingeni kwabadlali elibakhiqizayo,” kuqhuba yena.
“Lokhu okwenzekayo kuzobuyisa nethemba nakwabanye abese belibuka ngenye indlela iqembu bazobona ukuthi ithuba lekusasa eliqhakazile likhona kuMsinga ngoba nabu ubufakazi busobala.”
UMkhonza uveze nokuthi, okudale ukuthi abadlali bakhe abathathu bagqame kweyokuhlunga ukuthi baphiwe ngokwethalente kodwa lokhu bakunezela ngenhlonipho nangokuzinikela.
“Akujwayelekile ukuthi umdlali athi onekhono elibabazekayo kodwa futhi abe umuntu othobekile njengalaba bafana esikhuluma ngabo.
“Okubenze bahluka eningini ukuthi bebengakufihli ukuthi akwanele ukuthi bafisa ukusiza uMsinga ukhuphukele kwiMotsepe Foundation Championship kepha bazibona befanelwe ukudlala kwiDStv Premiership njengoba sekwenzekile,” kusho uMkhonza.
Umqeqeshi weBafana, uMorena Ramoreboli, uzolinquma namuhla iqembu lakhe labadlali abangaphezulu kuka-45 babe u-21 ekhempini eqala khona namuhla.