UMQEQESHI woMkhambathi FC, uNkosingiphile “Dimco” Ntinga, uthe yize ebona sekuseduze phambili kodwa yena nethimba lakhe labaqeqeshi bahlalelwe wumsebenzi wokulungisa izingqondo zabadlali, kuze kube ngumdlalo wokugcina ukugwema ingozi yokudembesela.
UMkhambathi, osalokhu uzihole njalo phezulu kwi-log yeSafa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League kwiStream B, ubhekene nenselelo yokugcina umgqigqo kuze kube sekupheleni njengoba seziqala ukuhubela sakusha ngombango wesicoco seligi yalesi sigaba.
Yize uMkhambathi ohlale esicongweni se-log seStream B zibekwa ebhandeni kule sizini kodwa usembangweni oshisa phansi wesicoco seligi neDrakensberg FC, esendaweni yesibili noMsinga United osendaweni yesithathu ngokwehlukana.
Womathathu la maqembu ahlukaniswe yiphuzu elilodwa iqembu ngalinye. UMkhambathi unamaphuzu angu-26, iDrakensberg inangu-25, uMsinga unangu-24.
UMkhambathi uzotholana phezulu neRemax Address Friends, eHilton College Ground, eMgungundlovu, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
IDrakensberg izobhekana neTitanic FC, eKandahar Stadium, eMnambithi. Kuthi uMsinga utholane phezulu neNewcastle All Stars, eMzisho Stadium, eMsinga. Imiphumela yemidlalo yomithathu kule mpelasonto ibhekwe ngabomvu ngombango weligi oqhubekayo kwiStream B.
KwiStream A umbango uphakathi kweNjampela FC neMkhumbane Classic, abahlukaniswe ngamaphuzu amathathu kuphela, iNjampela iqhwakele ngangu-28. Ilandelwa ezithendeni wuMkhumbane ngangu-25.
“Kule midlalo eyisikhombisa esele kusengenzeka noma yini phakathi kwethu neDrakensberg noMsinga, okungamaqembu esisembangweni nawo futhi esehlukaniswe ngamaphuzu ambalwa kakhulu nawo.
“Kodwa esizimisele ngakho manje wukukhipha amangwevu okugcina, silwe ngakho konke kuze kube ngumdlalo wokugcina.
“Sesihlale isikhathi eside esicongweni se-log, ngakho akufanele bese sizoyilahla ekugcineni, sesisebenze kangaka.
“Umsebenzi osihlalele njengamanje nethimba lami labaqeqeshi wukulungisa izingqondo zabadlali, ukuze bakwazi ukuphikelela kuze kube ngumdlalo wokugcina,” kusho uNtinga.
Leli qembu eliphethwe nguGoodlucky Mzobe, lingelinye lamaqembu amathathu asesifundeni uMgungundlovu agijima ku-ABC Motsepe League, okubalwa kuwo neMidlands Wanderers neSwayimane United, abhekene nenselelo yokwandisa isibalo samaqembu akulesi sifunda esigabeni esikhokhelayo seMotsepe Foundation Championship.
“Ukwesekwa esikutholayo kubaphathi beqembu kusikhuthaza kakhulu siyithimba labaqeqeshi ekwenzeni umsebenzi wethu ngokukhululeka, kanjalo nabadlali.
“Bangabantu abaliqonda kangcono ibhola nezinselelo zalo, okuyingakho bengathathi izinqumo ngokuxhamazela.
“Le yisizini yethu yesithathu sidlala kwiMotsepe League. Ngesizini yokuqala saqeda endaweni yesithupha, ngedlule saqeda endaweni yesithathu, ngakho kule sizini inhloso enkulu wukulwela ukuyodlala amaPlay-Offs esifundazwe, sidlule siyodlala akazwelonke,” kuqhuba uNtinga osizana noSiviwe Tanzi oyiphini lakhe.
“Silindele umdlalo onzima kwiRemax Friends enabadlali abanesipiliyoni futhi nayo esazinika ithemba ngesicoco seligi. Kodwa sizimisele ukubuya nawo amaphuzu kulo mdlalo, ngakho sizosebenzisa ubuchule namaqhinga ukuwunqoba.”
Imidlalo yeSafa KZN ABC Motsepe League:
Stream A:
Namuhla - Ngo-12pm:
Mkhumbane Classic v Stonebreakers (SJ Smith Stadium)
Ngo-3pm:
Njampela FC v Summerfield Dynamos (Prince Mangosuthu Stadium); Oyzn Academy v Dlangezwa Hellenic (John Ross Stadium); Midlands Wanderers v Durban Pioneers (Harry Gwala Stadium); Asande FC v Muzi King Masters (Darnall Ground)
Stream B:
Ngo-12pm:
Ethekwini Coastal v Swayimane United (Twini Park)
Ngo-3pm:
Mkhambathi FC v Remax Address Friends (Hilton College); Drakensberg FC v Titanic FC (Kandahar Stadium); Umvoti FC v Chess (King Edward Park)