UMQEQESHI weZemvelo Women’s FC, uNkosingiphile Maphumulo, uyayivuma ingcindezi abhekene nayo neqembu lakhe yokulandela ezinyathelweni zeLindelani Ladies eyaphumelela kumaPlay-Offs kazwelonke eSasol League yakhuphukela kwiHollywoodbets Super League ngesizini edlule.
EZemvelo ziguqise iNewcastle Chess ngo 2-0 emdlalweni wokuhlunga ompetha baKwaZulu-Natal beSasol League, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngeSonto.
Amagoli eZemvelo avalelwe nguNontobeko “Sgqemeza” Mkhwananzi, noZamanguni Gumede.
Leli qembu eselingompetha beKZN Sasol League lizomela isifundazwe kumaPlay-Offs kazwelonke eSasol azodlalelwa eWestern Cape, ngo-Okthoba 14-20.
“Ebholeni-ke ngenkathi uwina yingenkathi ubhekana nenye futhi inselelo elandelayo njengoba namanje siwinile nje sesiyobhekana nompetha bakwezinye izifundazwe ezingeni likazwelonke.
Uma kwenzeka futhi nakhona siphumelela, singena kwiSuper League, nakhona siyobe sesibhekana nenselelo yokudlala kwesinye isigaba esinzima kunalesi esikusona njengamanje,” kusho uMaphumulo.
“Inselelo enkulu bekungeyokuhlanganisa abadlali abadala abanamava nalaba abancane, okuyinto engelula kwesinye isikhathi. Ngenhlanhla ngikwazile ukulihlanganisa iqembu lwangabakhona uqhekeko. Ngicabanga ukuthi ngaphakathi eqenjini ikhona ingcindezi yokuthi kumele senze kangcono kumaPlay-Offs. Wonke umuntu ubheke ukuthi sifike siphumelele lapho
Unozinti nokaputeni waleli qembu, uZinhle “Nuro” Ndwalane, uthe kusho lukhulu kuyena nozakwabo ukuthola ithuba lokuyomela isifundazwe kwekazwelonke ngesizini yabo yokuqala bedlala kwiSasol League.
“Sibonga ukwesekwa esikuthole kubaphathi kusukela isizini iqala kuze kube manje. Siyethembisa ukuthi sizoqhubeka nokusebenza ngokuzimisela ukuze senze kahle nakumaPlay-Offs,” kusho uNdwalane.
UNdwalane (35), ongomunye wabadlali abadala kuleli qembu, uthe isifiso sakhe manje ukudlala kwiSuper League.
Leli qembu laseMlaza liphethwe nguSphindile Sithole owathenga isitifiketi seWhite City Ladies yaseMpangeni ngaphambi kokuqala kwesizini.