AMATHEMBA uwabeke ngisho kubalandeli uJohn Maduka, ongumqeqeshi weMaritzburg United, uma sebebhekene ne-Orlando Pirates, ngeSonto, ngo-5.30 ntambama, ekhaya eHarry Gwala Stadium.
ITeam of Choice iya emdlalweni obhekwe ngabomvu, iphuma endukwini ka 1-0, eyinikwe womkhaya bayo iRoyal AM. Kuyayiphoqa ukunqoba ngeSonto kwazise esibalweni semidlalo eyisithupha isanqobe kwiChippa United kuphela.
Idlale ngokulingana kwemithathu, yadliwa kabili. Ngakolunye uhlangothi eZimyama zihleka zodwa njengoba zinqobe imidlalo emibili kulandelana. Kwezigcine ukuwudlala zishaye ngo-2-1 iThwihli Thwahla kuma-quarter final eMTN8.
Kowandulela umdlalo bezishaye iMarumo Gallants koweDStv Premieship.
Zisashaywe kanye selokhu kuqale isizini ka-2022/23.
UMaduka obezwakala ekhululekile, utshele Isolezwe ukuthi ahamba kahle amalungiselo omdlalo. Ulibeke ngembaba elokuthi akayisabi iPirates.
"Uma sizoyisaba ngoba nakhu yenze kahle emidlalweni edlule, azoba maningi amathuba okuthi sidliwe. Ekhempini yethu kuvunguza umoya wokubumbana. Yebo, sidliwe kodlule, kodwa iyangichaza indlela esadlala ngayo. Sakha inqwaba yamathuba, sahlulwa wukuwasebenzisa ngendlela. Sizama ukukulungisa lokhu. Luselude ukhalo. Lokhu kushaywa yiRoyal AM kuyasiphoqa ukuthi sinqobe kumnyama kubomvu kwiPirates," kubeka uMaduka.
Uqhube wathi: "Okuhle wukuthi sidlalela ekhaya. Yebo, iqembu elifana nePirates linabalandeli yonke indawo. Nakuba kunjalo kanginalo uvalo. Wonke umuntu wazi kahle ukuthi uma sidlalela ekhaya abalandeli bethu baphuma ngobuningi babo. IHarry Gwala Stadium izoba luhlaza. Okunye okumnandi ngalolu hlobo lwemidlalo, kasikho isidingo sokulokhu ugqugquzela abadlali. Bayakwazi okumele bakwenze.“
Uthembise umdlalo ozoba nzima kuwona womabili amaqembu.
"Kuzoba wumdlalo onzima njengoba iPirates izofuna ukuqhubeka nokunqoba nokuhlala esicongweni. Nathi ngapha sifuna ukunqoba kwazise ngokudlule sishayiwe. Ngithi abaphume ngobuningi abalandeli bethu bazoseseka. Siyathembisa ukuthi sizodlala ibhola elizobabusisa.“
Ngesizini edlule eZimnyama ziyishaye kabili iMaritzburg. Ziyishaye emlenzeni wokuqala weligi nakwiNedbank Cup. Emlenzeni wesibili weDStv Premiership kayikho eyavuma ukugoba uphondo.