IBAMBA-MQEQESHI kwiMoroka Swallows, uMusa Nyatama, libona umdlalo wanamuhla weNedbank Cup njengethuba lokuthi iqembu libuyele endleleni efanele ngemuva kokubhekana nobunzima ngaphakathi nangaphandle kwenkundla.
IziNyoni zizoqala uhambo lwazo emqhudelwaneni wokugcina womkhumulajezi kule sizini ka-2023/24 ngokubhekana neqembu eligijima kwiMotsepe Foundation Championship, iPlatinum City Rovers, kwi-Last 32.
Umdlalo uzoqala ngo-3 ntambama e-Isak Steyl Stadium eVanderbijlpark, eGauteng.
Emidlalweni yeligi, iSwallows isidlale eyisishiyagalombili ingawaqoqi amaphuzu aphelele, ihlulwe kweyisithupha yadlala ngokulingana kwemibili. Lokhu kuhlanganisa nemidlalo emibili neMamelodi Sundowns neLamontville Golden Arrows, abalahla kuyona amaphuzu ngokungalubhadi enkundleni ngoDisemba.
Izingqinamba zayo ngaphandle kwenkundla nazo ziyaziwa. Lapha kubalwa ukungaholelwa kwabadlali ngesikhathi, ukuthi abadlali babhikishe ngokungayi ejimini nasemidlalweni, ukuxoshwa kwenqwaba yabadlali kanti muva nje ihlukane noSteve Komphela obeyiqeqesha kusukela ekuqaleni kwesizini.
UNyatama osephinde wanikezwa izintambo ebambisene noDitheko Mototo nopheka onozinti, uThela Ngobeni, uthe into abagxile kuyona kakhulu wukusiza abadlali benze kahle emdlalweni olandelayo.
“Ngeke kube wumdlalo olula. Siyazi sonke ukuthi ukudlala namaqembu asuka esigabeni esiphansi kunzima. Ahlale efuna ukumangaza kodwa ngicabanga ukuthi abadlali bethu sebemi ngomumo. Sihluliwe emdlalweni wethu wakamuva weligi ngakho sifuna ukuwunqoba lo ukuze sakhe ukuzethemba kweqembu,” kusho uNyatama.
“Kungumsebenzi onzima kithina njengoba sinabadlali abaningi abasha kodwa bayazama ukujwayela indlela okudlalwa ngayo kwiSwallows. Sikulungele ukubhekana neRovers.”
UNyatama waqala ukubonakala ebhentshini leSwallows ekuqaleni kwesizini ka-2022/23 ngesikhathi owayengumqeqeshi, uDylan Kerr, engakawatholi amaphepha ayemgunyaza ukuthi asebenze kuleli.
Kuthe uma lo mqeqeshi esekhonjwa indlela ngo-Septhemba ka-2022 izintambo zanikwa uNyatama, kwaze kwaba kuqashwa u-Ernst Middendorp ngoDisemba. Lo mqeqeshi waseGermany akahlalanga isikhathi eside, washiya ngoMashi ka-2023.
UNyatama waphinde wabuyiselwa esihlalweni, wayibamba yaze yayophela isizini, iziNyoni zaqeda endaweni yesishiyagalombili. Iqembu laqale lamemezela ukuthi usezoqeqesha ngokuphelele kule sizini, ngaphambi kokuthhi liqashe uKomphela, osanda kushiya.
Encwadini ayibhalile ngesikhathi evalelisa kwiSwallows, uKomphela uthe ufisa abadlali babahloniphe abaqeqeshi asebehola iqembu, okuyinto emchazile uNyatama.
“Ngithanda ukubonga umqeqeshi uSteve, ngiphinde ngibonge namazwi akhe okuthi abadlali kumele bahloniphe ithimba labaqeqeshi elikhona. Inhlonipho yinto esiyitholayo kubadlali futhi siyakubonga lokho,” kusho uNyatama.
“Ngicabanga ukuthi kuzokwenza kube lula kithina njengabaqeqeshi ukusiza iSwallows njengoba besenishilo ukuthi sinezinkinga eziningi kodwa akuyona into esifuna ukugxila kuyona leyo. Sihlose ukusiza iqembu liye phambili futhi lithole imiphumela emihle.
“Uma sengikhuluma ngami ngqo, leli yithuba lokuthi ngiphinde ngizibonakalise ukuthi ngiwulungele yini lo msebenzi noma cha. Isifiso sami ukusiza iqembu lihlale esigabeni esiphezulu, liphinde lenze kahle kwiNedbank Cup,” kuphetha yena.