ISIKHULU esiphezulu seSuperSport United, uStanley Matthews, sidinwa eyomdlali ofuna ukujoyina iKaizer Chiefs ekubeni engakabawinisi neyokubika indebe.
UMatthews ukuqinisekisile ukuthi iChiefs iyamfuna umdlali wabo wasemuva, uLuke Fleurs (22) futhi naye usebatshelile ukuthi ufuna ukuya eNaturena. Indaba kaFleurs neChiefs kade isematheni ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2022/2023.
IChiefs kade ifuna ukuvala ngaye isikhala sikaDaniel Cardoso ochithwe nenqwaba yabanye abadlali. UFleurs, oqokwe waba ngumdlali osemncane ovelele ngesizini edlule, iDStv Premiership Young Player of The Season, ujoyine Amatsatsantsa ngo-2018 esuka eqenjini Ubuntu Cape Town kwiMotsepe Foundation Championship.
"Sidayisa abadlali ukuze sithole imali yokuqhubeka neqembu. Sithola abadlali ngemali encane, sibanyusele ezingeni lapho singeke sisakwazi ukubaholela. Amanye amaqembu ayakwazi ukufinyelela kulona. Uma ngikhokhela umdlali wami imali ethize, kuqhamuke elinye iqembu limthembise ephindwe kathathu, yilapho esisho khona ukuthi asikwazi ukuyivimba le ngane. Ilisebenzele iqembu, isisisizile sazuza ebesizibekele khona, uma ekwenzile lokho. Bonke abadlali esibadayisile basisizile sawina izindebe, abafana noTebogo (Mokoena), Sipho Mbule ngaphandle kwezinkinga zakhe zangaphandle kwenkundla, Jeremy Brockie noGrant Kekana," kusho uMatthews.
Ngesikhathi kuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali, kubiwe ukuthi iChiefs kade ifuna ukunika iSuperSport uCole Alexander, yona ithathe uFleurs. ISuperSport ikunqabile lokho kwazise u-Alexander wayengumdlali wayo ngesikhathi somqeqeshi uStuart Baxter owayezifela ngaye, yamxosha ngoba ingawuboni umsebenzi wakhe.
"Kimina umkhuba omusha wabadlali abafana noLuke Fleurs, abafuna ukuhamba bengazange basiwinele lutho... (angiwuqondi). Ukufunelani ukuhamba? Ukufunela ukuthi kuzuze wena? Uma iqembu sekuyindawo lapho abadlali bezofuna khona ukufeza izinhloso zabo ngabodwa... (ngeke kulunge). Asikwazi ukuba nabadlali abanjalo eqenjini lethu. Sifuna abadlali abazodlalela impumelelo yeqembu lonke, siwine siyiqembu, kuhlomule bonke abantu ndawonye. Emuva kwalokho, abanenhlanhla bazofunwa ngamanye amaqembu," kusho uMatthews.
"Abadlali okukhona kubona uKlate (Daine), Gaxa (Siboniso), Laffor (Anthony), Kermit (Erasmus), Mashego (Katlego), Elias Pelembe, Gould (Morgan) noBongani Khumalo. Bonke badayiswe ngemali eshisiwe futhi bonke bazenzele imali emuva kokudlalela iSuperSport. Asinawo amahloni okuthi abadlali bazofika baphinde basishiye. Kodwa uma besishiya nendebe ekhabetheni... (kulungile). Uma bengishiya nemali ezongisiza ngenyukele kwelinye izinga (ngiyakwamukela lokho)."
Umdlali wakamuva odayiswe yiSuperSport nguRonwen Williams, oseyibamba kwiMamelodi Sundowns. UWilliams wafika kwiSuperSport emncane, wanqoba nayo izindebe ezehlukene ngaphandle kweyeDStv Premiership.