UMQEQESHI weSuperSport United kuDStv Diski Challenge, uThabo September, useqoke ukubeka phansi umoya ngesimo abhekene naso sokushodelwa ngabadlali ngenxa yezivivinyo zokuphela konyaka.
USeptember uhlalelwe wumsebenzi wokuhlanganisa iqembu elizobhekana ne-Orlando Pirates koweDiski ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoMgqibelo ngo-12 emini.
Lo mdlalo uyingxenye yendumezulu ezodlalelwa kule nkundla nangeSonto.
Amathikithi okuyobuka imidlalo eMagogo atholakala mahhala kuyona le nkundla kusasa phakathi kuka 1 no- 6 ntambama.
ISuperSport, evikela isicoco seligi yeDiski, iliqale phansi iqembu kulandela ukwenyusela esikimini esikhulu ewine ngabo ngesizini edlule. Nakuba bekhona abayibamba kuzona zombili izikimu kodwa inkonyane isathuka isisinga kwabaningi.
Amatsatsantsa, njengawo wonke amaqembu eDiski, abhekene nenselelo yokuthi abadlali abaningi babhala izivivinyo zokuphela konyaka. Lokhu kwenza bengaziqeqeshi maphakathi nesonto kodwa bafike ngempelasonto sebezodlala. Bangu-10 abadlali beSuperSport ababhala umatikuletsheni. Kulaba badlali kukhona umgadli uShandre Campbell obuye adlale esikimini seDStv Premiership, uNeo Rapoo noTumelo Mahlangu.
USepthemba uthe izivivinyo zokuphela konyaka zilokhu ziliphazamisile iqembu labo.
“Ngaphandle kwababhala umatikuletsheni, baningi abadlali ababhalayo kumanje. Sibagcina ngemuva komdlalo, size sihlangane nabo uma sesiyodlala futhi. Abaziqeqeshi neqembu maphakathi nesonto. Lokhu kusiphazamisile kodwa akukho esingakwenza ngoba siyafuna baqhubeke nesikole. Kufanele kuhambisane isikole nokudlala ibhola. Lokho kubalungele ukuze bakhule kahle njengabadlali bebhola,” kusho uSeptember.
Ukushoda kwabadlali kuSuperSport kungenzeka kuphoqe uSeptember ukuthi alande abasesikimini esikhulu njengoba isamile imidlalo yePremiership.
Izivivinyo zokuphela konyaka zishaye zazwela nakwiKaizer Chiefs. Ngesonto eledlule, umqeqeshi uVela Khumalo, ubekhala esifanayo ethi uyaphoqeka ukushintsha isikimu ngenxa yokungaziqeqeshi kwabanye babadlali.
ISuperSport isendaweni ka-10 kwi-log ngamaphuzu awu-12 emuva kwemidlalo ewu-10. EZimnyama zisendaweni yesibili ngamaphuzu awu-23. Zisele ngelilodwa kwiMamelodi Sundowns ezihola phambili ngawu-24. Kungenzeka iPirates ilale ngoMgqibelo isihlezi phezulu kwi-log uma yehlule iSuperSport kwazise iSundowns iyoze idlale ngeSonto.
“Angikayicubunguli iPirates. Okuhle ngathi kulokhu ukuthi akukhona ukuthi sifuna ukuwina iligi. Okuphambili wukusiza abadlali bethu ukuthi bakhule. Siyabafundisa konke abakudingayo kulesi sigaba,” kusho uSeptember.
Isiyonke imidlalo yeDiski ezoba kwaMashu imi kanje: NgoMgqibelo - Ngo-10am: Moroka Swallows v Lamontville Golden Arrows.
Ngo-12pm: SuperSport United v Orlando Pirates.
NgeSonto - Ngo-10am: AmaZulu v Stellenbosch.
Ngo-12pm: Kaizer Chiefs v Cape Town City.