UNOZINTI weMamelodi Sundowns, uReyaad Peiterse, unxenxa ozakwabo ukuba bangazithambisi ngohlelo lwePremier Soccer League (PSL), lokuthuthukisa abadlali ngolwazi oluzobathwala uma sekuphele izinsuku zabo zokuba senkundleni.
UPieterse ubengomunye wabadlali abangu-26 bamaqembu eDStv Premiership abathweswe iziqu ezahlukene kusukela ekulondolozweni nokuphathwa kwemali kuya kwezamabhizinisi ezizoba usizo kubona ngomuso.
Inhloso ngalezi zifundo ezitholakala kulolu hlelo oluqale ngo-2022, ukuthi abadlali bacije ngolwazi ngokuphathwa kwemali ukuze bangabinayo inkinga uma sekufanele baqhubeke nempilo.
Izifundo ezahlukene okudlule kuzona laba badlali zithinta i-Leading and Managing Self, Business Fundamentals, Financial Resilience, Project Management neBusiness Simulation.
Indaba yokuhluleka kwabadlali ukuphatha nokusebenzisa imali ingenye yezihlale zisematheni kwabaseNingizimu Afrika uma sebephelelwe izinsuku zokudlala.
Lo nozinti uphume engawuvali umlomo kulezi zifundo ezithathe izinsuku ezingu-10 ezihlelwe yi-PSL nabaxhasi bayo iMultichoice ngokuhlanganyela ne-Gordons Institute of Business Science (GIBS). Lolu hlelo lwaziwa nge-Player Transition Programme.
“Ngiqale lezi zifundo ngiwubuka ngeso elihlukile umhlaba kodwa emuva kwazo ngizizwa sengathi ngizelwe kabusha,” kusho uPieterse kwabezindaba.
“Umuzwa enginawo ngiwufisela bonke abadlali abangakalisebenzisi leli thuba ngoba ngiyazi bazophaphama ngamathuba amaningi abangakaze bazibone besondelene nawo.
“Sinempilo eyahlukene singabadlali ngakho-ke nginxenxa bonke abangakalisebenzisi leli thuba ukuba bangazithambisi ngoba bazozuza okuningi abangakaze bazibone bekuzuza,” kuqhuba lo nozinti.
UPeiterse omiswe kabi nguRonwen Williams noDenis Onyango, embangweni wejezi kwiDowns, ungene kulolu hlelo engahlose lutho ngalo kodwa wafika wavuleka amehlo, ngokusho kwakhe.
“Ngiqale lolu hlelo ngingomunye umuntu kodwa emuva kwalo izinqumo ngekusasa lami sezicacile. Ngaphandle kokucaca zivulelekile ukuthi ngingangena kunoma imuphi umkhakha engiwuzwa ngaphakathi.
“Ngifunde okuningi ikakhulukazi emhlabeni webhizinisi okuyinto esingalokothi sikhulume ngayo singabadlali bebhola.
“Amathuluzi engiphume nawo kulolu hlelo angenza ngisilindele ngokukhululeka isikhathi sokuwagaxa emgibeni,” kuphetha uPieterse.
Phakathi kwabadlali abebeseqoqweni likaPieterse kukhona, uRelebogile Mofokeng (Orlando Pirates), Ramahlwe Mphahlele (AmaZulu FC), Thulani Hlatshwayo (SuperSport United), Daniel Akpeyi (Moroka Swallows), Chibuike Ohizu noKamogelo Mokotjo, (bobabili beSekhukhune United) ukubala abambalwa.