USIHLALO weCape Town Spurs, u-Ari Efstathiou, uchayise iKaizer Chiefs okusabalele imibiko yokuthi icathamela umgadli wakhe u-Ashley Cupido.
ISpurs inyukele kwiDStv Premiership ngesonto eledlule emuva kokuqeda eqhulwini emidlalweni yokuhlunga. Ibhincisele nxanye iMaritzburg Unite neCasric Stars.
Ibikade iqede endaweni yesithathu kwoMotsepe Foundation Championship. Njengoba isinyukele esigabeni esikhulu, u-Efstathiou nethimba lakhe bahlalelwe wumsebenzi wokubumba iqembu elizokwazi ukumela ubunzima bePremiership.
UCupido, oshaye amagoli angu-15 kwiChampionship, kunemibiko yokuthi ufunwa yiChiefs ne-Orlando Pirates.
Emuva komdlalo wokugcina wokuhlunga neMaritzburg United, u-Efstathiou uthe akekho noyedwa umdlali abazomdayisa.
"Akekho umdlali ohambayo. Nginesiqiniseko sokuthi maningi amaqembu afuna abadlali bethu kodwa cha. Sifuna ukuqinisa iqembu, senze isiqiniseko sokuthi sizohlala kwiPremiership. Ngeke kube lula, akufanele sizikhohlise. Kufanele siliqinise iqembu senze isiqiniseko sokuthi konke kulungile futhi iqembu lihlala linjena," kusho u-Efstathiou.
ISpurs idlale isizini edlule ngabadlali ababili bokubolekwa okunguBoitumelo Radiopane wePirates noLuvuyo Phewa weMamelodi Sundowns.
"Sinobudlelwano obuhle namanye amaqembu. Sizoxhumana nawo sicele usizo. Ngakho ukuthi bayahlala noma cha, ukuthi sithola abadlali abasha noma cha, kodwa iningi labadlali bethu lizohlala lapha. Sinabadlali abadala abaneminyaka engu-38 (Clayton Daniels noNazeer Alie). Nginesiqiniseko sokuthi bazosinika omunye unyaka. Bashaye into ecokeme kule sizini," kuchaza yena.
Ukubuya kweSpurs kwiPremiership akubuzwa ukuthi kuletha injabulo kubalandeli bayo bakudala. Leli qembu lashabalala ngo-1999, ngesikhathi lihlanganiswa neSeven Stars kubunjwa i-Ajax Cape Town ngokubambisana nelaseNetherlands, i-Ajax Amsterdam. Nokho ukuphela kobudlelwano ngo-2020, obebuhlanganisa ukunikana abadlali, kuholele ekutheni kuvuselelwe iSpurs. Kubadlali abasuka kwi-Ajax Cape Town, baya kwi-Ajax Amsterdam kukhona uThulani Serero, Steven Pienaar no-Eyong Enoh waseCameroon.
U-Efstathiou uthe akukho okutheni abakuzuzile ngobudlelwano ne-Ajax Amsterdam.
"Into ababeyilangazelele wukuthi bangakhi abadlali abazobathola kithina ngemali encane. Bekukancane befaka imali eminyakeni engu-23. Lokho yinto engaziwa muntu. Bebesisiza ngendaba yomqeqeshi nenhloko yenkulisa. Ngaphandle kwalokho, besizibonela. Yingakho bekudingeka sidayise abadlali ngoba bebenqaba ukufaka imali.
“Ekugcineni kudingeke sihlale phansi sinqume ukuthi sifunani ngeqembu nokuthi bona bafunani. Besifuna impumelelo, besifuna ukuwina iligi, sikhiqize abadlali abasebancane. Bebengakufuni lokho. Awukwazi ukuba nobudlelwano obunjalo. Besingavumelani cishe iminyaka engu-10. Bebejwayele ukufika basivakashele emihlanganweni yebhodi kanye ngonyaka, siyodla ezindaweni eziphezulu, emuva kwalokho bahambe, kuphele kanjalo," kulandisa u-Efstathiou.