KUSEZANDLENI zomgadli weSekhukhune United, emboleke kwi-Orlando Pirates, uTshegofatso Mabasa, ukuthi uyafuna yini ukuba yingxenye yomdlalo wamanqamu weNedbank Cup.
Lawa ngamazwi omqeqeshi weSekhukhune, uBrandon Truter, ngesikhathi exoxa neSolezwe.
ISekhukhune izodudulana nePirates ngo-6 ntambama kubangwa isicoco seNedbank ngoMgqibelo, eLoftus Versveld, eTshwane. Amaqembu azobe eshikilisana, ebanga inkomishi ehamba nentshontsho likaR7 million.
Ebuzwa umqeqeshi ukuthi, kayikho yini imibandela evimbela umgadli ukuthi abe yisitha eqenjini abolekiswe lona njengoba kuke kwenzeke kwamanye amaqembu?
UTruter uthe, akanalwazi kangako ngezivumelwano phakathi kweqembu lakhe nePirates, ngekusasa likaMabasa kodwa konke kulele ekutheni umdlali uyafuna yini ukuba yingxenye yesikwati somdlalo wamanqamu.
“Bonke abadlali abakhona emabhukwini eSekhukhune banethuba elifanayo lokuba yingxenye yesikwati somdlalo wamanqamu okuhlanganisa naye uMabasa,” kuchaza umqeqeshi.
“Uma ezoqhubeka nokuba umdlali onenhlonipho nozimisele ngaso sonke isikhathi aphinde aqhubeke nokwenza lokhu okufunwa umqeqeshi, maningi amathuba okuthi adlale kowamanqamu.
“Kunzima ukuthola indawo esikimini kwiSekhukhune ikakhulukazi kubagadli ngoba bonke basezingeni elithi alifane ngakho-ke lo osuke elitholile ijezi uyalibambisisa.
“Izivumelwano phakathi kwamaqembu angizazi kodwa ukudlala kwakhe koweDStv Premiership nePirates kamuva kungitshela ukuthi nakulokhu akukho okuzomvimba.
“Uyaziqeqesha njengabanye. Uma ngesikhathi sokusetha isikimu kucacile ukuthi kumfanele ukuqala umdlalo, nakanjani ngizomdlalisa,” kusho lo mqeqeshi ofake iSekhukhune kowamanqamu okokuqala emlandweni weqembu.
UMabasa ubolekiswe yiPirates, kwiSekhukhune ngasekuqaleni kwesizini esanda kusongwa ngenhloso yokumnika ithuba lokubuyisa ifomu yakhe ayikhombise kwiBloemfontein Celtic, eminyakeni edlule kodwa nakhona kwangahamba kahle.
Abagadli abakhona kwiSekhukhune nguVictor Letsoalo, uChibuike Ohizu noNkanyiso Madonsela.
Izinto zikaMabasa ohambe kwiPirates, noLinda Mntambo, yena osayine ngokugcwele kodwa walimala, ziphinde zaphazamiseka ngesikhathi leli qembu selisayinisa omunye wabadlali baphambili abafike bangena khaxa esikimini sikaTruter, uSibusiso “Villa” Vilakazi.