UMENGAMELI weSafa Ethekwini, uMazwi Mkhize, ukhwele wadilika kubaxhasi bomqhudelwano wabasakhula, i-Engen, ebagxeka ngokuyishaya ngesithende le nhlangano.
UMkhize ubekhuluma ngesikhathi kwethulwa i-Engen Knockout Challenge eHoy Park izolo. Angu-16 amaqembu abafana baka-Under 18, nawu-16 awamantombazane ka-Under 20 azoqhuthana eThekwini kusukela ngoJuni 30 kuya kuJulayi 2.
Amaqembu azonqoba eminxeni yomibili azodlala kokazwelonke, iChamp of Champs ozoba seGauteng. UMkhize uqale inkulumo yakhe ngokuthi akasaphathekile kahle. Udinwe wukuthi i-Engen ihlela lo mqhudelwano ngokubambisana neDurban Ladies esikhundleni sokuwunika iSafa.
Eminyakeni edlule le inkampani kade ibambisene naMaZulu FC. Okunye wukuthi ohlelweni bekufakwe isikhulumi esivela kwiSafa KwaZulu-Natal eholwa nguKwenza Ngwenya esikhundleni seSafa eThekwini.
"ISafa inezifunda ezingu-52. IThekwini ngesinye sazo. Ngakho uma nizokwenza lo mqhudelwano ngaphandle kweSafa eThekwini kodwa nilapha, nicabanga ukuthi ngizowumela lowo mbhedo. Ngeke ngikwenze lokho," kusho uMkhize ebhekise kuGavin Smith wakwa-Engen.
"AmaZulu kade esisingatha, angikaze ngihlazeke. Sifuna iSafa iyisingathe le nto. Asimdingi umuntu ozoba phakathi nendawo. ISafa (EThekwini) iyilungu leSafa neFifa. Siyakwazi ukwenza imiqhudelwano. Asidingi muntu phakathi nendawo ozoba umxhumanisi. Iwukubukela phansi iSafa eyokuba nomuntu phakathi nendawo. BekungaMaZulu, manje sekuyiDurban Ladies. Ayikho incazelo yalokhu. NginguMzulu wangempela. NgokwesiZulu asihlebi. Esikhundleni salokho singaphandle siyolwa uma kunesidingo salokho. Emuva kwalokho sibuye, sekulungile. Angikwazi ukushintsha."
USmith uthe ukholwa wukuthi bakwenze konke okufanele ngezimvume kuzona zonke izinhlaka wathi abafuni ukungena kwipolitiki okungenzeka ukuthi ikhona kwiSafa.
UMary-Jane Sokhela ongumphathi weDurban Ladies uthe: "Leli yithuba elikhulu nakuba sinyathele amakhona kamengameli kodwa ilungiswa ngendlela. Lo mqhudelwano uzokhuthaza amantombazane adlala kwiSasol League nakwi-Absa. Ngaphezu kwalokho yithuba lokubonwa ngabaqeqeshi bamaqembu esizwe."