UMENGAMELI weSafa eThekwini, uMazwi Mkhize, “othukutheliswe” wukushiywa ngaphandle kwabadlali baKwaZulu-Natal (KZN) emaqenjini esizwe ka-Under 16 naka-Under 17 muva nje, ufunga uyagomela uthi bazobuyisa isithunzi sesifundazwe ngeTheku ebholeni labadlali abasakhula.
UMkhize ukusho lokhu ngenkathi isifunda asiholayo, iSafa eThekwini, sethula ngokusemthethweni inkampani yamatende, iSky Tents, njengabaxhasi beligi ka-Under 15 ngoLwesithathu, eHoy Park, eThekwini.
Le ligi ka-Under 15 ezokwaziwa ngeSky Tents Champions League U-15, izoqala maduze kule nyanga kaMeyi, isongwe ngo-Okthoba.
Kuzodlala amaqembu angompetha baka-Under 15 kumaLocal Football Associations (LFA) angu-21 angaphansi kweSafa eThekwini.
“Sifuna ukubuyisa isithunzi sala KwaZulu-Natal, sisibuyise ngeTheku ngoba yithina kuphela esiyiMetro kulesi fundazwe. Uma sizohlala thina sisonge izandla kuzokwenzekani ngalaba abanye (izifunda) abangafani nathi?
“Khona manje abadlali balapha eKZN abazange babe yingxenye ezikwatini zamaqembu esizwe ka-Under 16 no-Under 17 ebezidlala emiqhudlwaneni yangaphandle muva nje. Yikho-ke lokho okusithukuthelisile, sazibona sinecala thina njengeTheku ukuthi singabi naye noyedwa umdlali kula maqembu esizwe, ngoba sibakhulu thina sinamaLFA amaningi ukwedlula ezinye izifunda. Ngakho kufanele kube yithina esikhiqizela isifundazwe abadlali,” kusho uMkhize.
Uthe ngokuzayo uma abaqeqeqeshi bamaqembu esizwe behlonza abadlali nabo bakwazi ukubamema ngoba “nathi sinabo abadlali la.”
Iqembu lika-Under 16 ebeliqeqeshwa wuZipho Dlangalala ongumqeqeshi odabuka eKZN, lidlale ePoland ekupheleni kukaMashi kuya ku-Ephreli 1.
Amajimbos (Under 17) aqeqeshwa wuDuncan Crowie, ayibamba kowe-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-Under 17, lapho ephume khona kuma-quarterfinal ngoLwesithathu ebhudluzwa iSenegal ngo-5-0.
Ngenkathi uDlangalala ekhonjwa ngenjumbane ngokugabha abadlali baseKZN esikwatini, wazivikela ngokuthi amaqembu akulesi sifundazwe adlala kwiDStv Premiership awanawo amaqembu ka-Under 16, wathi AmaZulu kuphela aneqembu lika-Under 17.