UMDLALI wasesiswini kwiRoyal AM, uKabelo Mahlasela, ukholwa wukuthi banethuba lokulwela ukungena kwiTop 8 emidlalweni elandelayo abasazoyidlala yeDStv Premiership.
IRoyal AM ithole ukuphefumula ibuya namaphuzu amathathu amqoka ishaya iRichards Bay FC ngo 2-1 kowabakhaya baKwaZulu-Natal ngoMgqibelo.
Ibuyela ensimini ngokubhekana neSekhukhune United kowePremiership, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.
“Yize singeke sizishaye izifuba sithi sesisuke unomphela endaweni yezembe, kodwa iqiniso wukuthi sesikususile emiqondweni yethu ukuthi silwela ukuvika izembe. Sesikhuluma ngokulwela ukukhuphukela endaweni engcono, okuyiTop 8, ngisho nangaphezulu kwalokho uma ithuba livuma,” kusho uMahlasela.
“Besiyidinga kakhulu leya wini yangoMgqibelo ngemuva kokuphuma kwethu kwiNedbank Cup (beshaywa ngaMaZulu FC), ngakho-ke nakwiSekhukhune siyolwela enye iwini, akukho okunye, yize sazi ukuthi siyobhekana nomdlalo onzima wasekuhambeni.”
ISekhukhune esendaweni yesishiyagalombili kwi-log yePremiership, ishaye iLamontville Golden Arrows ngo 1-0 emdlalweni wayo wokugcina wePremiership ngaphambi komdlalo wayo wangempelasonto weCaf Confederation Cup neDiables Noirs yaseCongo Brazzaville.
“Siyazi ukuthi iSekhukhune esiyodlala nayo iphakathi kwamaqembu akwiTop 8 njengamanje , ngakho ukudlala neqembu elinjengalelo kusho umdlalo onzima ngoba iyawadinga amaphuzu ukuqhubeka nokuhlala kwiTop 8. Nathi siwadinga ngokufanayo amaphuzu, ngakho siyolwa, akukho okunye. Okuhle ngemidlalo yeDStv Premiership, wukuthi ukunqoba nje imidlalo emibili kuyayishintsha ngokushesha indawo okuyona kwi-log, okuyinto nathi esinethema layo.”
UMahlasela ungomunye wabadali abanamava iThwihli Thwahla ethembele kubona kule sizini njengoba ingakwazanga ukusayina abadlali ngenxa yesigwebo esabhekene naso seFifa kulandela ukumangalelwa ngowayengumdlali wayo, uSami Nurkovic, owanqanyulelwa inkontileka yakhe naleli qembu ngaphandle kwesinxephezelo.