ZAKHELE XABA
IPHINI lomqeqeshi weRoyal AM, uDitheko Mototo, seliphose ithawula ngombango wesicoco seDStv Premiership oholwa yiMamelodi Sundowns.
Kuyiwe ekhefini lokuphela konyaka odlule nekhefu le-Africa Cup of Nations (Afcon), iSundowns ihlezi esicongweni se-log futhi ivule igebe lamaphuzu angu-14 phakathi kwayo ne-Orlando Pirates esendaweni yesibili. AmaBrazilians azihola phambili ngawu-44 emuva kwemidlalo engu-19. EZimnyama zilandela ngawu-30 emuva kwemidlalo engu-19.
IRoyal, engomakoti kwiDStv Premiership, ngelinye lamaqembu ahlukeleke asebuya endaweni yesibili kwi-log emizameni yokugudluza iSundowns kodwa ehluleka.
"Uma singaqeda endaweni yesibili siyokweneliseka. Yilokho esizibekele khona. Awasekho amathuba okufica iSundowns futhi alikho iqembu elizoyiphazamisa manje, isihambe kakhulu. Sineqembu elihle, eliqinile elingasibeka endaweni yesibili kwi-log," kusho uMototo owayeyibamba emuva kwesokunxele kwiKaizer Chiefs eminyakeni edlule.
Kuvalwe unyaka iRoyal AM, engene kwiPSL emuva kokuthenga isitifiketi seBloemfontein Celtic, isishibilikele endaweni yesikhombisa kwi-log phezu kokuqala isizini ngegiya eliphezulu. Inamaphuzu angu-26 emuva kwemidlalo engu-17.
UMototo usheba ukuba yiphini likaJohn Maduka kwiThwihli Thwahla nokusebenza enkulisa yeCeltic eneqembu elidlala kwi-ABC Motsepe League waseFree State.
Abanye abadlali abebekade beyibamba kweleDStv Diski Challenge bafakwe kweleMotsepe League. IRoyal ithenge kuphela iqembu elidlala kwiPremiership, zasala izinhlaka zokuthuthukisa ikhono. Kusale neqembu labesifazane iBloemfontein Celtic Ladies eyibamba kwiHollywoodbets Super League.
"Ingxenye yesivumelwano kwaba wukuthi ngizoba yiphini lomqeqeshi kwiRoyal AM kodwa ngiqhubeke ngapha ezinhlakeni zeCeltic ngoba besingeke sishiye kanjalo. Umsebenzi wami wukuthungathela iCeltic abadlali ngibafake ezinhlakeni ezahlukene. Kumanje ngimatasa ngibhalisa abadlali abasha. Nginesiqiniseko sokuthi iCeltic izobuya. Sinabo abadlali nenkundla," kusho uMototo.