UMPETHA omusha we-SA Female Super Middleweight, uWendy "Rose of Lindelani" Gcadu, uveze ukuthi usizwe ukungaseyi isitha sakhe phezu kokuba esesishaye izikhawu.
Le ntokazi eqeqeshwa uSizwe "Bhubesi" Mthembu, ihlule ngamaphuzu uNoxolo "Bumblebee" Mkhasibe waseHammarsdale empini ebiseStanger Community Hall, KwaDukuza, ngoLwesihlanu.
Ibingeyosuku kwebezihlelwe yiTap Tap Boxing Academy. Umqhudelwano ubuxhaswe wuMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko. Bekungokwesithathu uGcadu etholana phezulu noMkhasibe. Baqhuthane okokuqala ngo-Okthoba nangoDisemba ngo-2022. UGcadu unqobe kuzona zombili lezi zimpi. Emasontweni edlule, uMkhasibe utshele Isolezwe ukuthi uzoziphindiselela noma kanjani kuGcadu. Nokho akuhambanga njengokufisa kwakhe.
UGcadu uthe okumsize kakhulu wukuthi akazange ameye uMkhasibe.
"Ngikhumbula kahle empini yethu yokuqala noNoxolo nganqoba kalula, kweyesibili wayesho ukungiqeda.Kule yokugcina ngiphunyuke emlonyeni wengwenya, ubelenyuse kakhulu izinga, ubesho ukungiqeda. Ngisizwe ubuchule bami," kuchaza uGcadu.
Ubonge wanconcoza kubaqeqeshi bakhe, uMthembu noZwilenkosi Magudulela.
"Kuphele isikhathi eside silungiselela le mpi. Abaqeqeshi bami bathe bayazi ukuthi umqondo uyingozi, kungenzeka ukuthi ngimeye uNoxolo njengoba bese ngimhlule ezimpini ezimbili kulandelana. Ngenhlanhla angilona lolo hlobo lomuntu. Ngiyabonga ukuthi ngihlule iqhawe elifana noNoxolo,’’ kusho uGcadu.
Uveze nokuthi njengoba lokhu wenza omunye umsebenzi ngaphandle kwesibhakela, imali ayitholile uthe uzoyisebenzisela ukulungisa ekhaya eLindelani. Udalule nokuthi namuhla (ngoMsombuluko) amabombo uzowabhekisa lapho ezalwa khona, eNkandla, eyotshengisa umndeni wakhe nomphakathi wangakubo ibhande le-SA Female Super Middleweight.
"Ngenhlanhla sikhuliswe emindenini ekwazisayo ukubonga labo abakusizayo ohambweni lwakho. Namanje ngizokwenza okufanayo,“ kuphetha uGcadu.
Kwenye impi ebibhekwe kakhulu, uPhumelele "Scishamlilo" Ngcobo ushaye uThabiso Mthembu ngomcacamezelo womlalisa phansi kweyebhande le- KZN Welterweight.
Kwezinye izimpi uNkosinathi Sibiya wehlule ngomcacamezelo womlalisaphansi uSiyanda Gumede, kwathi u-Andile Sibisi washaya ngendlela efanayo uCebelihle Mpanza
U-Andile Mbatha unqobe ngamaphuzu kuSizwe Biyela, uSanele Ngcobo wadlala mgokulingana noMthokozisi Mhlongo.