UMDLALI wasohlangothini lwesokunxele kwiPolokwane City, u-Oswin Appollis, usengumdlali obalulekile yize engasaboshelwa njalo esikimini esiqala imidlalo ngenxa yokuthi leli qembu linabanye abadlala kangcono kule ndawo adlala kuyona.
Lokhu kushiwo ngumqeqeshi waleli qembu uPhuti Mohafe ngenkathi ebuzwa ngokungabonakali kuka-Appollis esikimini esiqala imidlalo yakamuva.
U-Appolis udlale imidlalo emibili yakamuva esuka ebhentshini koweChipppa United ngempelasonto naMaZulu FC ngoLwesibili, eMoses Mabhida Stadium ngokwehlukana.
Kwenzeka lokhu nje lo mqeqeshi ngenyanga edlule ekhuluma nabezindaba uveze ukuthi usazoqhubeka nokumdlalisa u-Appolis okulokhu kuvele njalo ukuthi ugaqelwe ngamaqembu amakhulu aseGauteng.
“U-Appollis sifuna ukumfaka kancane kancane esikimini esiqala umdlalo, yingakho simqalise ebhentshini wangena ngesiwombe sesibili kulo mdlalo (naMaZulu) nongaphambi kwalo. Ngicabanga ukuthi ikhefu leFifa esibuya kulona lisisizile ekutheni sikwazi ukumbuyisela kancane esikimini,” kusho uMohafe.
Ebuzwa ukuthi kukhona yini ukungabi qatha kumbe ukukhathala kulesi sikhwishikhwishi somdlali obekwiBafana Bafana muva nje, uMohafe uthe ukuqalisa lo mdlali ebhentshini, akuhlangene nalokho.
“Uma ubheka isibalo sabadlali basezinhlangothini esinabo, nemidlalo abayidlalile yakamuva sikhethe ukusebenzisa umdlali okwazi ukumaka aphinde ashoshele phambili, okuyinto u-Appollis kwesinye isikhathi angakwazi ukusinika yona.
“Usengumdlali obalulekile eqenjini, ngenxa yokuthi uma engena wenza umehluko. Indlela adlala ngayo yenza ukuthi abadlali basemuva banake yena, aze amakwe ngabadlali ababili noma abathathu, lokho-ke okuvulela abadlali bethu intuba, okuyinto esisiza kakhulu,” kuqhuba uMohafe.
U-Appolis obekunguyena wePolokwane obekwiBafana kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ngoJanuwari, e-Ivory Coast, ungomunye wabadlali abamqoka kuleli qembu laseLimpopo eliphakathi kwalawo abanga ukuqeda kwiTop 8.
Ngemuva kokushaya iChippa ngo 1-0 ngempelasonto, iRise and Shine iphinde yabuya nelinye iphuzu elibalulekile ekuhambeni ibambana naMaZulu ngo 0-0.
NgeSonto izobhekana neRoyal AM komunye umdlalo wasekuhambeni eHarry Gwala Stadium eMgungudlovu ngo-3 ntambama.