UMQEQESHI weMaritzburg United, uSimo Dladla, akasiboni isidingo sokudliwa umona bese ebheka amabala kumlingani wakhe, uRhulani Mokwena weMamelodi Sundowns azobhekana naye kwi-last 16 yeNedbank Cup ngeSonto ngo-6 ntambama, eLoftus Versveld.
UDladla ubekhuluma nabezindaba esithangamini abenaso nabo eThekwini lapho ebezokwenaba ngamalungiselelo alo mdlalo okungangatshazwa ukuthi uwumqansa kuleli qembu eliyibambe kwiMotsepe Foundation Championship.
Lo mqeqeshi ubuzwe ngqo ngokubhekana noMokwena abanye abambona njengongqondongqondo webhola kanti kunabambuka ngeso lokuthi ungunontandakubukwa obe nenhlanhla wathola iqembu elizomthengela bonke abadlali abafunayo.
"Angisiboni isidingo sokubuka kabi uMokwena ngoba akukho akwenzile ngaphandle kokusebenza ngokuzikhandla kwabekwenza okuholele ekutheni azithole ewelwa ilo msebenzi sonke esingakuthokozela ukuwuthola" kusho uDladla.
"Uwenza kahle (umsebenzi) okufakazelwa ukuthi esikwatini sakhe kunabadlali abadlule esandleni sami eminyakeni edlule kodwa sebengenye into njengoba sebekwiSundowns.
"Kungaba iphutha ukufika eLoftus ngicinge amabala kuMokwena ngaphandle kokuzinika isikhathi ngikuncele konke azimisele ngokukwabela abanye abaqeqeshi abafana nami abafisayo ukuhlala kulesi sihlalo ahleli kusona.
"Ukuvutha nokuvuthwa kwalaba badlali abasuke ezingeni ebengikulona phambilini kuzitolika ngokuthi umqeqeshi wabo (uMokwena) kukhona okuhle akwenzayo okubakhulisayo kanti nemiphumela yeSundowns ngokwahlukana kwemiqhudelwano izixoxela eyayo indaba," kuqhuba uDladla.
Mayelana namathuba okwenza imbedumehlwana kwi-Last 16, uDladla uvele wahleka wathembisa ukuthi banalo iqhinga.
"Kube ibhadi lethu ukuthi sitonyulwe neSundowns kodwa ngoba sekwenzekile akusekho okunye ngaphandle kokuya kubona ngokuzethemba.
"Sinalo iqhinga esithembele kulona ikhona nje ukuthi siya kwelinye lamaqembu angcono e-Afrika. Kuyangikhuthaza nokho ukuthi sidlala kahle kusukela kuqale unyaka," kulandisa lo mqeqeshi kwabezindaba eMhlanga, ngoLwesibili.
Okunye okufanele ngabe kuxhamazelisa ikhempu yeMaritzburg ukuthi emlandweni weKe Yona, iSundowns ijwayele ukuzidlela amahlanga uma iqhathwe neqembu elingadlali esigabeni esikhulu njengoba iTeam of Choice seyawela kwiChampionship.
Kusukela ngo-2008, iSundowns isiyinqobe yonke (19) imidlalo yayo kwiNedbank eyidlale namaqembu angekho esigabeni esikhulu okuhamba nerekhodi elithusayo lamagoli angu-73 ekubeni isangenelwe amane kuphela..
Ngesikhathi ekhuluma ngomdlalo nabezindaba izolo ntambama esithangamini ebesiseGoli, uMokwena uxwayise ngobubhayizela iTeam of Choice.
"Isipiliyoni seMaritzburg sokudlala esigabeni esikhulu, esabadlali bayo abahle nesomqeqeshi wayo oyazi ukusuka nokuhlala iNedbank konke kusikhumbuza ukuthi kusemqoka kangakanani ukufika kulo mdlalo siwulungele," kusho yena.
"Okuyikhona okwenza imidlalo yalolu hlobo ibe lukhuni ukuthi ithina esisuke sibhekwe ukuthi siwine. Uma singafika ezingeni lethu esilijwaylele angiboni singaba nenkinga kodwa kufanele sikukhumbule ukuthi sibhekene nobani," kuphetha uMokwena.