UNCAMELE ukwehlisa umholo ukuze ayodlala kwiSuperSport United uSiphesihle "Mbesuma" Ndlovu obolekiswe yi-Orlando Pirates kuleli qembu lasePitoli.
UNdlovu, odlala esiswini, ujoyine iPirates kubhekwe lukhulu kuyena esuka kwiMaritzburg United ngo-2019. Nokho izinto azihambanga ngohlelo kwazise ugcine esedlaliswa ezindaweni ezahlukene enkundleni. Ngokuhamba kwesikhathi uNdlovu ugcine eselizwa ngendaba ijezi kweZimnyama.
Ukufika kukamqeqeshi uJose Reviero akusishintshanga isimo sikaNdlovu owaweyisithenjwa kwiTeam of Choice. NgoSepthemba sekuvalwa iwindi lokuhwebelana ngabadlali kwiPremier Soccer League (PSL), uNdlovu uvumbuke kuMatsatsantsa a Pitori aseqeqeshwa uGavin Hunt.
Isikhulu esiphezulu seSuperSport, uStan Matthews, siveze ukuthi bamthole uNdlovu ngoba evume ukwehliselwa imali abeyihola kwiPirates.
"Umdlali ubefuna ukudlala. Ubekulungele ngisho ukwehlisa umholo. Ngiyamhlonipha kakhulu ngokwehlisa umholo azodlalela thina. Bengingeke ngibe nayo imali yokumholela imali abeyihola kwiPirates. Ngakho wehlise umholo ukukhombisa ukulangazelela ukudlala nokubuya ebholeni. Ekupheleni kwesizini sizosibheka isimo sakhe. Usengumdlali wePirates, ngakho ingamlanda. Kulungile. Kodwa mina ngimsizile ngamnika inkundla yokuvuselela ibhola lakhe," kusho uMatthews.
UNdlovu ngomunye wabadlali abanesipiliyoni abafike nolukhulu ushintsho eqenjini likaHunt. UHunt okhuza ibuya kuMatsatsantsa ufike wabhekana nenselelo yokulibumba kabusha iqembu ngemuva kokushiywa abadlali asebemnkantshubomvu njengoTeboho Mokoena, Sipho Mbule no-Aubrey Modiba.
Yize izinto ziqale zabonakala zilutsheku ngesikhathi kuqala isizini engayitholi imiphumela emihle kwiDStv Premiership kodwa kuyiwe ekhefini leNdebe yoMhlaba sebubonakala ubungozi beSuperSport, iwina imidlalo emikhulu okukhona kuwona oweligi nomakhelwane iMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs.
"Ubedlala kuphi uMargerman (Grant), uGoss (Ricardo) ubeyisibukeli iminyaka emibili kodwa manje usebizwa kwiBafana Bafana. Kungani? Kungoba udlala kimina. Baningi abadlali baseNingizimu Afrika abangathanda ukudlala ibhola, bangahlali nje ebhetshini babukele. Abanye babo bakulungele ukuhola imali encane ukuzokwenza lokho. Ayikho indawo engcono engabanika lokho ngaphandle kweSuperSport ngoba siyabanakekela abadlali bethu. Sinomndeni omncane ojabule," kuqhuba uMatthews.
"Abadlali abafuni ukushiya iSuperSport United. Abafuna ukuhamba njengoLuke Fleurs, Tebza (Tebogo Mokoena) noMbule (Sipho) yingoba kukhona osebathembise umholo ophindwe kabili noma kathathu kunalona abawuthola kwiSuperSport United. Bazoheheka ngalokho, bazofuna ukuhola imali engaphezulu benzele bona nemindeni yabo. Yilokho abakungenele ebholeni."
UMatthews udalule ukuthi iKaizer Chiefs isamfuna uFleurs, wathi bazoyibhunga nebhodi indaba yakhe. Ekuqaleni kwesizini iChiefs kade ifuna ukuthatha uFleurs, yona inike iSuperSport uCole Alexander kodwa anqaba Amatsatsantsa.