I-ORLANDO Pirates ifike emdlalweni weDStv Premiership iyobhekana nomkhaya baseSoweto, iKaizer Chiefs, kuyiyona ebibukeka inethuba lokunqoba ngenxa yefomu yayo yakamuva.
Kodwa ngemuva komdlalo, umqeqeshi weZimnyama, uJose Riveiro, usale engaqondi ukuthi kungani abadlali banhlangothi zombili bengazange badlalele ukufa nokuphila.
IPirates iyona ekhale ngaphansi ngo 1-0 kulo mdlalo obuseFNB Stadium obuhanjelwe abalandeli abangaphezulu kuka-86 000. Ingcwatshwe igoli likaYusuf Maart waMakhosi, alishaye ngomzuzu ka-74 ngemuva kokuthi unozinti wezikaRiveiro, uSiyabonga Mpontshane, ephumile emapalini. UMaart ukhulele ezinkulisa zePirates kodwa yagcina imchitha njengoba iChiefs imsayinise kade esedlala kwiSekhukhune United.
NgokukaRiveiro abadlali bezinhlangothi zombili abazange badlalele ukufa nokuphila. Lo mqeqeshi odabuka eSpain, obekungokokuqala esebhentshini kowomkhaya baseSoweto ekhuluma ngemuva komdlalo uthe usale engenelisekile futhi edidekile ukuthi yini le ebibambe abadlali okwenze umdlalo ugcine usuyinduvanduva.
IPirates ibifike kulo mdlalo ngemuva kokudlala igcwenga yebhola ikhiphe iMameloid Sundowns koweMTN8 kanti ibiyenze kahle nangesikhathi iguqisa iLamontville Golden Arrows koweligi.
“Besingeyona inkinga kangako kubadlali basemuva beChiefs okuyinto engishiye ngixakekile kwazise umdlalo ubumkhulu futhi ungadingi ukuthi abadlali bakhuthazwe kangako,” kusho uRiveiro esithangamini nabezindaba ngemuva komdlalo e-FNB Stadium.
“Bekuwumdlalo obhedayo ngokubona kwami futhi ngendlela obunduvanduva ngayo bekufanele uphele kungu 0-0. Babe nenhlanhla yokushaya igoli eliyisimanga ngakho-ke kuyaphoqa ukuthi sibabongele ngamaphuzu,” kuqhuba uRiveiro.
“Asizange sisondele ngisho ukusondela ekudlaleni ngendlela ebesihlele ngayo. Namathuba esiwakhile abenganele ukuba yingozi odongeni lwasemuva lweChiefs.
“Kuthe ukuba ngcono esiwombeni sesibili kodwa ngeke ngikufihle ukuthi ngisale nginganelisekile ngendlela abadlali abenze ngayo nhlangothi zombili,” kusho yena.
Mayelana nokulimala kuka-Innocent Maela noGoodman Mosele, uRiveiro uthe, usalinde umbiko ogcwele ngabo kodwa akabambile umoya ngalaba badlali ngoba bakhona abadlali abangavala izikhala zabo uma kudingeka.
“Okufanele sikwenze ukubuyela emuva siyocubungula kahle ukuthi yini le esingayenzanga ngendlela bese sizama ukuyilungisa emdlalweni wethu olandelayo.
“Abadlali abalimele akuyona into esingagxila kuyona okwamanje ngoba iPirates inabo (abadlali) futhi abanele ukuvala noma ngabe isiphi isikhala esivezwa ukulimala kwabathile kumbe izigwebo zamakhadi,” kusho uRiveiro.
IPirates izobuyela enkundleni ngomdlalo wamanqamu weMTN8 naMaZulu FC ngoMgqibelo eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngo-6 ntambama.