UJOSE Riviero, ongumqeqeshi we-Orlando Pirates uyayichitha eyomgadli weBafana Bafana, uPercy Tau, omataniswa neZimnyama.
UTau, osephenduke intandane kwi-Al Ahly yase-Egypt selokhu kuhambe umqeqeshi uPitso Mosimane, kunezinkulumo ezithi uzobuya eMzansi ezojoyina elinye lamaqembu amakhulu kwiDStv Premiership, okukhona kuwona eZimnyama.
Iqembu likaRiviero libukela lingelinye ladinga umgadli ozoxazulula inkinga elihlasele yokushaya amagoli. IPirates isashaye amagoli amane kuphela emidlalweni eyisikhombisa yeligi kule sizini. Yenzelwa phansi ngabagadli abathenjiwe, okukhona kubona u-Eva Nga noZakhele Lepasa.
URiveiro uthe uyayazi inkinga ababhekene nayo yokuhlulwa ngamagoli asehlala ebuzwa ngayo kodwa akafuni nokuyikhuluma ekaTau.
"Akukhona okokuqala ningibuza ngesimo samagoli. Ngeke ngiyishintshe impendulo yami. Uma sihlasela sifinyelela phambili ngabadlali abayisithupha ebhokisini. Bonke banomthwalo, inhloso nesifiso sokushaya amagoli. Sinabadlali abaningi abahlaselayo esikimini sethu. Ngakho kuwumsebenzi wethu sonke ukushaya amagoli," kusho uRiveiro.
"Siyafisa ukwenyusa isibalo samagoli esiwashayile kodwa ngiyokhathazeka kakhulu uma singasawakhi amathuba okushaya amagoli. Ngiyazi ukuthi sibuthuntu phambili. Kodwa okwamanje ngigxile kubadlali esinabo eqenjini. Baningi abanekhono ngezindlela ezahlukene. Wukuzethemba nje okushodayo. Ngelinye ilanga iyophela imibuzo enjena. Nginesiqiniseko salokho. Angimazi kwakumazi lo mdlali enikhuluma ngaye (uTau)."
IPirates, esibuya esicongweni se-log yeDStv Premiership, izolwela ukuthola amaphuzu amathathu azokwenza igudluze iMamelodi Sundowns, iphindele khona uma isibhekene neTS Galaxy e-Orlando Stadium kusasa ngo-5.30 ntambama. IGalaxy yethuse abaningi, ipaka ibhasi umdlalo wonke, yagcina ibuye namaphuzu agcwele kwiSundowns engompetha beligi.
URiviero uthe nakubo ulindele iGalaxy ezimisele.
"Kujwayelekile ukuthi noma yiliphi iqembu kunoma yiyiphi iligi, kunoma yimuphi umqhudelwano, lidlalele ukuzibulala uma libhekene neqembu elikhulu. Ngakho akusimangazi. Empeleni alikho iqembu okwamanje engilithatha njengelincane. Angazi ukuthi iTS Galaxy izoqeda kuphi ekupheleni kwesizini. Angazi ukuthi iRichards Bay izoqeda kuphi ekupheleni kwesizini. Ngakho asiyi kulo mdlalo sizitshela ukuthi kuzoba nomehluko, kuzoba lula, bazopaka ibhasi noma bazohlala emuva. Asazi ukuthi kuzokwenzekani. I-TS Galaxy isebenzise izindlela ezahlukene zokudlala ngo-Agasti. Iqale ukumaka esiswini, yacindezela phambili njengesikhathi idlala neCape Town City. Angicabangi ukuthi bazibona beyiqembu elincane. Bazosebenzisa amandla abo ukulwela amaphuzu amathathu, "kusho uRiviero.
Imidlalo yeDStv Premiership yangempelasonto:
Namuhla - Ngo-7.30pm: Maritzburg United v SuperSport United (Harry Gwala Stdium).
Kusasa - Ngo-3pm: AmaZulu v Chippa United (Moses Mabhida Stadium); Swallows v Stellenbosch (Bidvest Stadium).
Ngo-5.30pm: Orlando Pirates v TS Galaxy (Orlando Stadium).
Ngo-8pm: Mamelodi Sundowns v Lamontville Golden Arrows (Absa Tuks Stadium).
NgeSonto - Ngo-3pm: Marumo Gallants v Kaizer Chiefs (Royal Bafokeng Stadium0