UKHOLWA wukuthi bebefanelwe wumphumela ongcono ngesikhathi beshaywa yiMamelodi Sundowns ngo-1-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo ntambama, umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro.
ISundowns inqobe umdlalo ka-15 ilandelana ngegoli likaCassius Mailula.
“Bekuwumdlalo obushube kakhulu kusukela ekuqaleni kwaze kwaba sekugcineni. Bekubhekene amaqembu amabili abenezinhlelo ezifanayo. Umdlalo ushintshe ngokushesha ngesikhathi bethola igoli," kusho uRiveiro.
"Senze iphutha sizama ukudlala ibhola emuva basijezisa ngalo.“
Ngesikhathi eZimnyama zithela phansi iSundowns ngo-3-0 emlenzeni wesibili kowandulela owamanqamu weMTN8 ngasekuqaleni kwesizini, bekubukeka sengathi seziyekile ukuba yithofi laleli qembu lasePitoli.
“Lona wumdlalo wesihlanu esiwudlale neSundowns kule sizini uma ngibala iCarling Cup. Cishe ngidinga ukuphinde ngiwubuke lo mdlalo kodwa ngingasho ukuthi yiwona ongcono kule esiyidlale nabo. Inkinga ukuthi asiwutholanga umphumela omuhle," uqhube kanje lo mqeqeshi.
“Sifuna ukunqoba imidlalo futhi aseneme ngomphumela, ningangizwa kabi, kodwa ngicabanga ukuthi abadlali be-Orlando Pirates benze kahle.
“Umphumela awumuhle kodwa kumele siwamukele njengoba unjalo. Ebholeni kumele uvale epalini lakho futhi ushaye igoli uma ufuna ukunqoba. Bebengcono kunathi kulezo zinto ezimqoka ezimbili."
I-Sundowns isazihambela yodwa esicongweni ngamaphuzu angu-55 emidlalweni engu-21. I-Pirates isendaweni yesine ngamaphuzu angu-28 emidlalweni engu-19.
EZimnyama zisele ngamaphuzu amane kwiSuperSport United esendaweni yesibili, okuyindawo ehamba nethikithi lokungena kwiCaf Champions League.
URiveiro uthe kufanele bagxile emidlalweni yabo esele babone ukuthi bangaqoqa amaphuzu amangaki.
"Angikwazi ukucabanga ngezinhloso zokuphela kwesizini njengamanje. Ngingasho ukuthi izinga esilikhombise sibhekene neqembu ebese linqobe imidlalo engu-14 ilandelana, belilihle," kusho uRiveiro.
"Izinga elidlalwe yiPirates lingenza ngibe nethemba elikhulu ngekusasa. Uma siqhubeka nokudlala ngale ndlela ngeke silahle amaphuzu amaningi kule sizini," uphethe kanje.