ELINYE lamaphini abaqeqeshi kwi-Orlando Pirates, uSergia Almenara, kaliyizwa kahle eyokuthi iqembu labo seliphenduke isinkwa semihla ngemihla seKaizer Chiefs.
IPirates ihlulwe yiChiefs okwesihlanu amahlandla elandelana koweDStv Premiership ogijinywe ngempelasonto eFNB Stadium. Kulo mdlalo Amakhosi adlule ngo 1-0.
Igoli kulo mdlalo lishaywe umdlali weZimnyama, u-Olisa Ndah obengene esiwombeni sesibili kuzoqiswa ngaye kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu kukakaputeni, u-Innocent Maela.
U-Almenara, ukholelwa ekuthen ukuba uMaela akaphumanga bebenawo amathuba okunqoba.
UMaela udlalise kabi umgadli weChiefs, uChristian Saile Basomboli ngomzuzu ka-60.
Ebhentshini leZimnyama, u-Almenara ubesasizana noMandla Ncikazi. Bekuwumdlalo wokugcina inhloko yabaqeqeshi uJose Riveiro edonsa isigwebo sekhadi elibomvu.
Kuzokhumbuleka ukuthi nasemlenzeni wokuqala weDStv Premiership eZimnyama zakhala ngaphansi ngawo u-1-0 wegoli likaYasuf Maart.
IPirates yagcina ukunqoba owomkhaya ngoJanuwari 3 wangesizini ka-2020-21.
Ngemuva kokuthi inqobile iChiefs ngempelasonto edlule kushukume izinkundla zokuxhumana, abeChiefs begcona abePirates ngokuthi iqembu labo seliyisinkwa sabo semihla ngemihla.
Esithangamini nabezindaba ebuzwa u-Almenara ukuthi uzizwa kanjani njengoba iChiefs iqhubeka nokubashaya kulandelana, uthe: "Izinto ezinjena ziyenzeka ebholeni, akusho ukuthi sekuphelile ngathi. Angifuni ukukhuluma ngezinto ezenzeke kumasizini edlule. Ngizophawula ngezesizini esikuyo. Emlenzeni wokuqala sikholelwa ekutheni kwaba umphumela ongabanga nabo ubulungiswa nakuba sazi ukuthi asidlalanga kahle. Kulokhu silwile, sibulawe ukuphuma kukaMaela ngekhadi elibomvu. Lokhu kuwushintshe kwawuqeda umdlalo. Kuphoqeleke ukuthi senze izinguquko. Ngemuva kokuphuma kukaMaela sizamile ukulwa imizuzu embalwa. Sicabanga ukuthi ukube besinabadlali abawu-11 besizothola umphumela omuhle.“
Lo mqeqeshi ube eseshiyela abalandeli bezakhe umyalezo.
"Siyakuqonda ukuthi zibuhlungu izinhliziyo zabalandeli bethu. Kanjalo nakubadlali nakithi baqeqeshi kuyaqaqamba. Nokho akusasizi ukukhala ngosekwenzekile. Okwethu njengamanje ukuyokwenza amalungiselelo omdlalo wethu neSwallows. Kumele sinqobe noma ikanjani.“
Zombili lezi zinkunzi zaseSoweto zilwela ukusonga iligi zisezindaweni ezozifaka emiqhudelwaneni yeCaf ngesizini ezayo.
Zibambene ngamaphuzu awu-31 ngemuva kwemidlalo ewu-21. IPirates ikweyesithathu, iChiefs ibe kweyesihlanu. Iqembu elizoqeda endaweni yesibili kwi-log lizongena kwiCaf Champions League neMamelodi Sundowns ehlezi ngokunethezeka esicongweni seDStv Premiership. Elilala eyesithathu lizodlala kwiCaf Confederation Cup.
NgoLwesihlanu eZimnyama zizovakashela iSwallows, eDobsonville Stadium koweligi.