UKAPUTENI we-Orlando Pirates kwiDStv Diski Challenge, uNdumiso Ngiba, ulangazelele ukuba ngowokuqala ozokwethula indebe yeligi kusihlalo u-Irvin Khoza ekupheleni kwesizini.
UNgiba (20) waseMahlongwa, eMkhomazi, ngomunye wabadlali abayizinsika eqenjini leDiski eliqeqeshwa nguJoseph "Dukuduku" Makhanya elisembangweni wesicoco seligi. EZimnyama zisendaweni yesithathu kwi-log ngamaphuzu angu-50 emidlalweni engu-24. Zilandela iCape Town City enangu-51 neSuperSport United eseqhulwini ngawu-52.
IPirates ayikaze iwine lutho kwiDiski selokhu yasungulwa ngo-2014 phezu kokushaya ngabadlali abasezingeni eliphezulu eminyakeni edlule. Ngesizini edlule, yehle esicongweni se-log emuva kokuhlala isikhathi eside. Iligi yeDiski igcine idliwe yiStellenbosch.
UNgiba odlala maphakathi emuva, ojoyine iPirates ngo-2021, uthe abafuni ukugxila kokwenzeke ngesizini edlule ngoba kulokhu bayiqembu elihlukile.
"Kungangijabulisa ukuwina iligi ngoba singaba yiqoqo lokuqala leDiski lePirates eliyiwinile. Nami njengokaputeni kungabakhona engikuhambisa kusihlalo. Kungaba yinto enkulu," kusho uNgiba.
"Okwenzeke ngesizini edlule sesikukhohliwe. Sizogxila emidlalweni eyisithupha esele. Sizobhekana nomdlalo ngamunye. Kule sizini kuhle ngoba asithembele kumuntu oyedwa njengoba kwenzekile ngedlule kunguRadiopane kuphela. Kule sizini sonke siyasifaka isandla. Baningi abashayela iqembu amagoli, baningi futhi abawakhayo. Sonke singabadlali kufanele kubekhona esikufakayo eqenjini. Kufanele sigxile emdlalweni ngamunye, sikhohlwe ukuthi esibanga nabo benzani. "
Isizini ka-2022/2023 yeDiski iyohlala ikhunjulwa njengokuvuleke ngayo amasango kubadlali abaningi beDiski abanyuselwe esikimini esikhulu emaqenjini ahlukene. Nakuba lokhu kwenzeka kwamanye amaqembu okukhona kuwona iStellenbosch neKaizer Chiefs futhi kuthela izithelo kodwa kusemnyama kweZimnyama.
UNgiba noRelebohile Rathomo sebebizwe izikhawu beyoziqeqesha neqembu elikhulu likaJose Reveiro kodwa abakasitholi isikimu.
"Sengike ngajima nesikimu esikhulu. Kumnandi. Zonke izinsuku kukhona engikufundayo. Kuyinselelo. Akulula ukuba laphaya. Umqeqeshi uhlala engitshela ukuthi angidlale ibhola engilaziyo, ibhola ngiyalazi futhi ngingesabi. Sengikulungele ukudlala esikimini esikhulu. Kungaba yinto enkulu kimina ukuyodlala khona. IPirates iyabanyusa abadlali kodwa inendlela yayo yokwenza izinto. Ngakho kimina ukusuka enkulisa, nginyukele esikimini esikhulu kungaba yinto enkulu. Kodwa akuyona into engingayi thola ngokukhuluma. Yinto okumele ngiyisebenzele," kusho uNgiba.
UNgiba kulindeleke ukuthi asize iPirates icoshe amaphuzu agcwele kwiRoyal AM emdlalweni ozoba seRand Stadium ngoMgqibelo ngo-12 emini.
Imidlalo yeDStv Diski Challenge yangempelasonto:
NgoMgqibelo - Ngo-10am: Chippa United v Cape Town City (Wolfson Stadium); Golden Arrows v Mamelodi Sundowns (Sugar Ray Xulu Stadium); Maritzburg United v Sekhukhune United (Harry Gwala Stadium); Kaizer Chiefs v Marumo Gallants (Dobsonville Stadium).
Ngo-12pm: Orlando Pirates v Royal AM (Rand Stadium); Stellenbosch v TS Galaxy ( Idas Valley).
NgeSonto - Ngo-10am: Richards Bay v Swallows (Mpumalanga Stadium); SuperSport United v AmaZulu (Lucas Moripe Stadium).