UMGADLI obukeka engenandawo kwi-Orlando Pirates, uTshegofatso Mabasa ubhodle ngobunzima besizini abebolekiswe ngayo kwiSekhukhune United.
Ngesikhathi esifanayo ubonge uMdali ngethuba lokuzibonakalisa alinikwe nguMorena Ramoreboli oqeqesha iBafana Bafana, ayishayele amagoli amabili ayidlulisele kweyandulela eyamanqamu yeHollywoodbets Cosafa Cup.
UMabasa (26) uhhewulwe ngabalandeli ehlulwa ngamathuba ngeledlule kodwa ngoLwesibili ube yiqhawe engena ngomzuzu ka-68 esuka ebhentshini ebasela amagoli amabili benquma iSwatini.
UMabasa oke wasebenza noRamoreboli esadlala kwiBloemfontein Celtic uqokwe njengomdlali ovelele kul mdlalo.
“Ngibonga uMdali ngakho konke okwenzeka kimina ngoba ngibe nesizini enzima lapho ebengibolekisiwe khona ngesizini edlule.
“Noma ngingeke ngande ngebengibhekene nakho eqenjini ebengibolekiswe kulo ngoba kusenhliziyweni yami, kodwa okumqoka wukuthi le sizini ngiyisonga ngale ndlela.
“Ukumela izwe lakho yinto eyisibusiso kuwo wonke umdlali ngingasayiphathi-ke eyokuliwinisa,” kusho uMabasa.
Ikusasa la lomgadli kwiPirates liyamfimfa kanti basanda kuveza ukuthi bazophinde bambolekise.
Kuyimanje iPirates iseSpain lapho ilungiselela khona ukuqala kwesizini ka-2023/2024.
Noma kungaqinisekisiwe kodwa abazazi zonke bamkhomba kwiMoroka Swallows noBongani Sam abafike naye kwiPirates besuka kwiCeltic.
UMabasa ujoyine iPirates ngo-2019/2020. Useyishayele amagoli angu-18 emidlalweni engu-66 kanti wakhe elilodwa.
KwiSekhukhune ngesizini edlule akuhambanga kahle njengoba eshaye amagoli amabili wakha ayisibalo esifanayo.
Indlela adlala ngayo kwiCosafa uMabasa, iyamjabulisa noRamoreboli.
“UMabasa udinga umqeqeshi ozoqonda ukuthi uyilo luhlobo lomgadli ophisela ibhola enethini hhayi okunye ngoba akakhelwe lokhu ongakuthola kubagadli abafana noLetsoalo (Victor).
“Ngiyaziqhenya ngaye nangabo bonke abadlali bami okuthi noma kubukeka sengathi kunzima babe nawo amava okuvuka balungise isimo.
“Nakowandulela owamanqamu sizoya ngomfutho ofanayo nentshisekelo yokunqobela usoseshini, imindeni nabalandeli, ” kusho uRamoreboli.
Ukuwina kweBafana kowandulela owamanqamu oseMlaza kusasa ngo-6 ntambama, kuzoyibeka esimweni esihle kakhulu.