UMGADLI we-Orlando Pirates oweqiwe yimidlalo yaleli qembu engu-50 ngenxa yokulimala, uZakhele Lepasa, ubhoboke ngokukhula azithole ehlangana nakho ngesikhathi ehleli ekhaya elulama ekulimaleni iqakala okwenzeke ngoDisemba ka-2020.
Lo mgadli osize iBafana Bafana ibambana ne-Angola kowobungani eyishayela igoli okube yiphenathi, utshele abezindaba ukuthi isikhathi asihlale yedwa ekhaya siyishintshile indlela abuka ngayo izinto eziningi.
ULepasa usefomini enhle kulezi zinsuku eqenjini lakhe iPirates yingakho eze wamlanda nomqeqeshi weBafana, uHugo Broos.
Esithangamini nabezindaba ngempelasonto edlule, eMbombela, uLepasa ubhoboke ngokuningi athi ubengakulindele okwenzeke njengoba ebehleli ekhaya isikhathi eside.
“Ngizizwa ngiwumqemane ngale ndlela yokuthi sengiqala nokukhohlwa ukuthi ngike ngalimala kwazise nesikhathi engisithola enkundleni siya ngokuya sanda,” kusho uLepasa.
“Ngandlela-thile, kungisizile ukulimala ngoba izinto eziningi sengizibuka ngeso elihlukile kunale ndlela ebengizibuka ngayo ngaphambi kokulimala.
“Kwesinye isikhathi ngike ngizithole ngizibuza ukuthi kazi ngabe ngiyaziqonda yini izinto engiziqondayo manje ukube angizange ngilimale ngibe nethuba elanele lokuzibuka mina ngaphakathi nakho konke okungizungezile.
“Kunendlela ebengenza ngayo izinto ngaphambi kokulimala kodwa ngiyabona manje ukuthi mhlawumbe bengingeke ngifike ngisho kwiBafana ukube angizange ngishintshe ukuqalaza,” kulandisa lo mgadli.
Kumshaya ngaphakathi uLepasa ukuthi kusukela ebuye ekulimaleni, useyabizwa kwiBafana aseshaye negoli kuyona kanti usanda kudla isicoco seMTN8 nePirates benqoba ngo 1-0 kuMaZulu FC, eThekwini.
“Konke kuhamba kahle kodwa lokhu akusho ukuthi sekufanele ngizithele ngabandayo. Kuningi okusafanele ngikufunde kodwa le nqubekela-phambili encane obonakalayo iyangikhuthaza.
“Angingabazi ukuthi ngisengaba umdlali ongcono kakhulu kunalo engiwuyena kodwa futhi ngiyaqonda ukuthi lokhu kulele kimina nasekuzikhandleni kwami,” kusho lo mdlali.
Mayelana nalaba abangabaza ukubizelwa kwakhe kwiBafana uthe: “Uma abaqeqeshi beneme ngalokhu engikwenzayo mina ngijabule,” kuphetha uLepasa.