AKAKUBEKILE ekhanda umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ukuthi bazodlala neqembu eliyibamba esigabeni sama-amesha, iDondol Stars, ezobasingatha ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane namuhla ngo-3 ntambama.
IDondol izobe ijaha irekhodi kulo mdlalo kwazise uma idlula, izongena emlandweni njengeqembu lokuqala elingekho esigabeni esikhokhelayo ukudlula emaqenjini ePremiership ezigabeni ezintathu zokuqala zeNedbank Cup.
"Iphutha elikhulu esingalenza la wukunaka kakhulu ukuthi sidlala nobani. Okwethu wukubhekana nengcindezi yokuthi sizongena kulo mdlalo abantu sebevele besibala emaqenjini azodlala esigabeni esilandelayo.
“Yilokho okwengeza inselelo uma useqenjini elinjengePirates,“ kusho uRiveiro.
Yize iPirates ingezukukubeka emakhanda ukuthi idlala neqembu elikusiphi isigaba kodwa kwiDondol kuhlukile ngokusho komdlali wayo, uBafana Makhanya.
“Imimoya iphezulu kakhulu. Bonke ozakwethu bafuna ukuhlula iPirates. Wuhlobo lomdlalo lolu olungadingi ukuthi ukhuthazwe ngabaqeqeshi,” kusho uMakhanya.
“Besingathembi ukuthi sizofika la, uma kukhulunywa ngeNedbank Cup, besijabulela nje ukuthi ‘Yeyi! Sizodlala kwi-last 32’ futhi bekuphelela lapho. Besanele ngalokho.”
La maqembu aya kulo mdlalo esefomini ethi ayifane.
Emidlalweni engu-11, iPirates isahlulwe kwemibili nakhona iguqa ezimbangini ezinkulu, iKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns.
“Singasho ukuthi iNedbank Cup ifike ngesikhathi esihle ngokwefomu yethu kodwa sikubonile sonke emidlalweni eyedlule ukuthi akuzuba wukuchengcenyeka ethafeni nje (ukubhekana neDondol),” kusho uRiveiro.
IDondolo isalelwe yimidlalo emithathu ukuqeda imidlalo yeligi kanti ivule igebe lamaphuzu ayisishiyagalolunye kwi-log.
“Injongo yethu enkulu wukukhuphulela iqembu esigabeni esingenhla kodwa ngesikhathi esifanayo sikukhathalele ukuthuthuka kwabadlali bethu ngabodwana,” kusho umqeqeshi weDondol, uVincent Rammoni.
“Nabo-ke kodwa bazi kahle ukuthi okuhamba phambili ngukukhulisa igama leqembu ukuze uma bethola amadlelo aluhlaza, kube wukuthi bavulela abanye abafana abazongena badlale kulesi sigaba.”
Ukukhuluma kuthi awekho amabhonasi azotholwa ngabadlali nabaqeqeshi beDondol ngebanga abazolihamba kulo mqhudelwano njengoba kuthiwa imali abazophuma nayo izotshalwa ekulungiseleleni imidlalo yokuhlungela iMotsepe Foundation Championship.