UMDLALI wasesiswini kwiMilford FC, uMenzi “Deco” Chili, uyavuma ukuthi ukushaya kwabo iKaizer Chiefs emzuliswaneni weLast 32 weNedbank Cup kubafakele ingcindezi yokuphinda benze okufanayo kwelinye iqembu leDStv Premiership iStellenbosch FC, abayobhekana nayo emzuliswaneni weLast 16.
UChili ungomunye wabadlali abamqoka leli qembu elizothembela kubona ekwenzeni izinto zenzeke emdlalweni kulo mdlalo osePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoLwesihlanu, ngo-7 ebusuku.
IMilford edlala kwiMotsepe Foundation Championship iza kulo mdlalo nje amehlo abathandi bebhola abaningi, athe njo kuyona njengoba yamangaza abaningi iguqisa iKaizer Chiefs ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi emzuliswaneni weLast 32, ngoFebhuwari.Lo mdlalo wawuphele zibambene ngo 0-0.
“Ngeke sikubalekele ukuthi ukushaya kwethu iChiefs kusifakele ingcindezi yokuthi siphinde sishaye elinye iqembu lePremiership kulo mqhudelwano njengoba siyodlala neStellenbosch FC kwiLast 16.
Kodwa siyazi ukuthi iStellenbosch esiyodlala nayo, inengcindezi efanayo ikakhulukazi njengoba yona idlala esigabeni esingaphezulu kwesethu sePremiership okusho ukuthi kufanele ilwele ukugwema ukushaywa yiqembu leMotsepe Championship.
Nokuthi akukapheli sikhathi esingakanani iwine indebe (yeCarling Black Label Knockout), lokho nje kukodwa nakho kuyifakela ingcindezi,” kusho uChilli waseNtuzuma, ongomunye wabadlali abakwaziyo ukuqhelisa indoda endleleni ngomjiko.
“Nathi njengoba siya kulo mdlalo sizimisele ngokunqoba. Siyazi ukuthi singakwazi ukukwenza lokho, uma nje sizodlala ngokuzimisela sigweme namaphutha emdlalweni wethu.”
Ngemuva kokuwashisa iChiefs ijezi, iStallions, okuyisiteketiso seMilford, isishaywe emidlalweni emibili yeligi yeMotsepe Championship, ibhaxatshulwa yiHungry Lions ngo 3-1, okulandelwe ngesinye isibhaxu sika 1-0 kwiJDR Stars ngempelasonto edlule.
“Kule midlalo emibili yakamuva yeligi esishaywe kuyona bekungekona ukuthi besingadlali kahle kodwa yingenxa yamaphutha esibe nawo.
Njengamanje sisebenza kanzima ukulungisa lawo maphutha ngaphambi komdlalo wethu neStellenbosch, ukuze singazitholi senza amaphutha afanayo,” kuqhuba uChilli.
Ukholwa wukuthi uma bengakwazi ukwedlulela emzuliswaneni olandelayo weNedbank Cup, lokho kungabasiza ekwenyuseni izinga lokuzethemba kubona empini ababhekene nayo yokuvika izembe kwiChampionship.
“Ukwedlulela kwethu emzuliswaneni olandelayo womkhumulajezi kungasisiza ekutheni sidlale imidlalo ethe xaxa, kwenyuse nezinga lokuzethemba kithina.
Yize okumqoka kithina njengamanje kuwukulwela ukusuka ezembeni kodwa lokho akusho ukuthi kufanele singazimiseli emidlalweni yeNedbank.” Kwi-log iMilford isendaweni yesithathu ukusuka emsileni. Kulesi sigaba amaqembu amabili aqeda emsileni adliwa yizembe.