OYIPHINI lomqeqeshi weMilford FC, uNkululeko Buthelezi, uthi yize abadllai baleli qembu bemagange kodwa abezukuyishintsha indlela abadlala ngayo lapho sebebhekene neKaizer Chiefs emdlalweni abazowudlala nayo kwiNedbank Cup Last 32.
IMilford izotholana phezulu neChiefs emdlalweni weLast 32 yeNedbank Cup, eFNB Stadium, eGoli, ngeSonto, ngo-6 ntambama.
Nakuba iMilford idlala esigabeni seMotsepe Foundation Championship, okuyisigaba esingaphansana kweseDStv Premiership, ukubhekana kwayo neChiefs emqhudelwaneni, akungabazisi ukuthi kuvusa isasasa kubalandeli bebhola abaningi baseMzansi ngenxa yomlando owaziwayo waMakhosi ebhekene namaqembu asezigabeni eziphansi.
“Abadlali bethu bakhuthazeke kakhulu. Ukudlala neqembu elinjengeChiefs, kuyisikhuthazi nje kwakona kukodwa. Bakulangezelele kakhulu ukuyobhekana nayo ukwedlula thina baqeqeshi, okwenza umsebenzi wethu ube lula njengoba silungisela lo mdlalo.
Kodwa-ke bayakwazi okulindeleke kubona, ngakho angicabangi ukuthi ilukuluku lokuyobhekana neChiefs lingagcina libeqa baze bagcine bekhohliwe ngokufanele bakwenze enkundleni,” kusho uButhelezi, oyiphini likaXanti Pupuma ophinde abe ngusihlalo weqembu.
Ubekhuluma esithangamini sabezindaba izolo eMhlanga Rocks, eThekwini.
“Noma sazi ukuthi siyobhekana nomdlalo onzima kwiChiefs kodwa lokho akusho ukuthi sizoshintsha indlela esidlala ngayo, noma sinalo iqhinga lokubhekana nayo kulo mdlalo esiyowudlala nayo.”
IMilford ike yabhekana nenkinga yokungaholi kwabadlali ngoDisemba, okuze kwaholela ekungeneleni kweSouth African Football Players Union (Safpu), bagcina beholile ekuqaleni kukaFebhuwari.
“Awukho umuzi ongenazo izinkinga zawo. Kodwa ngicabanga ukuthi njengamanje sesidlulile kuleso simo, sebebhekene nomsebenzi okufanele bawenze enkundleni.”
Eminyakeni edlule iChiefs isike yazithola iwashiswa ijezi emqhudelwaneni weNedbank Cup ngamaqembu adlala ezigabeni eziphansi, okuyikho okwenza kube nesassa ngaso sonke isikhathi uma iqhathwe neqembu lasezigabeni eziphansi.