UBONA benalo ithuba lokuqeda emaqenjini amathathu aphezulu kwiMotsepe Foundation Championship, uMandla Qhogi ongumqeqeshi weMilford okwale kancane idliwe izembe ngesizini edlule kulesi sigaba.
Leli qembu likaDkt Xanti Pupuma elikwamabili aKwaZulu-Natal adlala kulesi sigaba, lifana nelisha njengoba lisayinise inqwaba yabadlali abasha, kubalwa naye uQhogi obecija eleDStv Diski Challenge (DDC) kwiSekhukhune United.
Uzolekelelwa uNhlanhla Hlongwa noNkululeko Buthelezi abebekhona.
Phakathi kwabadlali abasayiniswe yiMilford unozinti uBongani Nkone, abagadli uTshepo Liphoko, Sifiso Mdluli, Thabo Xaba noNqaba Xulu.
Abasesiswini ngoFanelesibonge Sibiya noCebo Mchunu.
Abasemuva ngoMakhetha Tsotetsi, Mbonisi Chagi noVuyo Macina. Ngesizini edlule leli qembu belithwele kanzima, kwavela nokuthi abadlali abaholelwa ngesikhathi. Kunesikhathi lapho uPupuma agcina esezibambele yena ekuqeqesheni. Nokho ngaphansi kwakhe lagcina liqede kweka-13 ngamaphuzu awu-34.
UQhogi uthe ahambe kahle amalungiselelo esizini ka-2024/25. Uthe njengabo bonke abaqeqeshi balesi sigaba naye uyalelwe ngabaphathi ukwenyusela iqembu kwiBetway Premiership.
Iqembu eliqeda endaweni yesithathu neyesibili adlala kweyokuhlungela ukunyukela kwiPremiership. Ompetha bathola ithikithi elibheke ngqo esigabeni esikhulu.
"Sivumelene ngokuthi uma sihluleka ukungena sigijima esigabeni esikhulu kumele okungenani siqede kwi-Top 3 ukuze sidlale kweyokuhlunga. Okujabulisayo ukuthi abadlali esinabo bayasiqonda isifiso sabaphathi beqembu. Selokhu sivulile bangigeza igilo," kubeka uQhogi oke waqeqesha neqembu le-Orlando Pirates leDDC. Uthe banohlelo oluthile lokufeza lokhu.
“Imidlalo yethu ewu-30 siyihlukanise amaqoqo ayisithupha. Eqoqweni lemidlalo sizolwela ukuthola amaphuzu aphelele, awu-12. Uma kubhedile sizokwehlela kwayisishiyagalombili.
"Siyazi ukuthi kuzoba nzima. Sizophinde silwele ukusonga umlenze wokuqala weligi sinamaphuzu awu-27. Nakowesibili sizolwela ukuthola afanayo. Uma esehlanganisiwe lama phuzu azoba u-54. Sibonisane ngokuthi azokwazi ukusifaka okungenani kweyokuhlungela ukwenyukela esigabeni esikhulu."
IMilford izovula isizini ngoMgqibelo neVenda Football Academy, ngo-3 ntambama, eThohoyandou Stadium.
UQhogi uthe umdlalo weVenda uzobacacisela okuningi.
"Imidlalo yokuqala ihlale inezinkinga zayo. Iqiniso ukuthi abadlali basuke bengakangeni kahle emgqigqweni. Nakuba kunjalo ikucacisela okuningi ngokumele wakhele phezu kwakho. Ngesifanayo nakoweVenda. Inhloso yethu ukuthi sibuye nephuzu uma kwenzeka sihluleka ukunqoba.“
Imidlalo yangempelasonto yeMotsepe Foundation:
NgoLwesihlanu -Ngo-3 pm: Highbury v Leopards (Nelson Mandela Bay Stadium);
Ngo-7.30pm: Durban City v Casric (Chatsworth Stadium).
ngoMgqibelo - Ngo-3 pm: Lions v Kruger United ( Suzuki Stadium); Venda v Milford ( Thohoyandou); Venda v Milford (Thohoyandou); JDR v Upington ( Soshanguve Giant); Leruma United v Callies (Lucas Masterpiece Moripe).
NgeSonto-Ngo-3pm: Baroka v Orbit (Global), Tuks v Spurs (Tuks Stadium).