UNOZINTI weMaritzburg United, uDumisani Msibi uvuma eyokuthi ezakhe zisemseni wokulahla amaphuzu kwezimbangi zazo emidlalweni emibili esele yokusonga isizini yeMotsepe Foundation Championship.
Lokhu kwenza ilokhu ilokoze njalo inhlansi yethemba kuMsibi lokungena emidlalweni yokuhlungela ukukhuphukela kwiDStv Premiership.
Njengoba iMagesi isisheshe yacacisa ukuthi iyona engompetha beMotsepe Foundation, amaqembu angemuva kwayo alwela ukuqeda eyeligi esendaweni yesibili neyesithathu ehambisana negunya lokudlala kweyokuhlunga.
Lawo maqembu azobe eseqhathwa neliqede endaweni ka-15 kwiDStv Premiership sekubangwa ukugcina indawo kulesi sigaba esikhulu sePremier Soccer League.
IMaritzburg esendaweni yesihlanu kwi-log ngamaphuzu angu-42, isemshungwini wamaqembu ayisithupha asembangweni, okubalwa i-University of Pretoria (47), Baroka (45) neJDR Stars (45).
I-Team of Choice izodlala nePlatinum City Rovers koweChampionship, eSugar Ray Xulu Stadium eClermont ngeSonto ngo-3 ntambama.
Ngemuva kwalo mdlalo izosonga isizini ngokubhekana neJDR Stars ngoMeyi 19, eSoshanguve Giant Stadium eSoshanguve.
Leli qembu eligawulwe yizembe ngesizini edlule kwiDStv Premiership lidinga ukuyinqoba yomibili le midlalo bese lithandazela ukuthi izimbangi zalo ezingenhla kwalo zilahle amaphuzu kweyazo.
“Kona sisemseni wokuthi amaqembu angaphezulu kwethu oJDR neBaroka balahle amaphuzu kule midlalo esele, bese thina sinqoba ukuze sikwazi ukuya kumaPlay-Offs.
“Ngakho ngicabanga ukuthi kusengenzeka noma yini. Noma yiliphi iqembu lisengawalahla amaphuzu.
“Esikudingayo manje wukulwela ukubuya namaphuzu agcwele kuyona yomibili le midlalo esizoyidlala. ICity Rovers noma kungasekho okutheni ekudlalelayo, ngeke isasinda ezembeni.
“Siyazi ukuthi umdlalo wethu nayo ngeke kube ngolula ngoba bazobe sebedlalela isithunzi, kodwa siwadinga ephelele amaphuzu,” kusho uMsibi.
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship:
NgeSonto - Ngo-3pm: Baroka v JDR Stars (Global Stadium); Venda Football Club v Milford FC (Thohoyandou Stadium); Maritzburg United v Platinum City Rovers (Sugar Ray Xulu Stadium); Hungry Lions v Black Leopards (Mxolisi Dicky Jacobs Stadium); NB La Masia v Marumo Gallants (Dobsonville Stadium); Casric Stars v Magesi FC (Giyani Stadium); Pretoria Callies v University of Pretoria (TUT Stadium); Orbit College v Upington City (Olympia Park).