UMDLALI wasemuva kwiMaritzburg United, uXolani Slawula, ukholwa wukuthi imidlalo yabo emithathu ebasalele yeMotsepe Foundation Championship seyifana neyamanqamu kubona njengoba beshabashekela ukuzibekisela indawo kumaPlay-Off ngokuphela kwale sizini.
USlawula oshayele iMaritzburg igoli ibambana ngo 1-1 neVenda FC ngoLwesibili, usho kanjena nje ezakhe zilokhu zibhala zicisha emidlalweni yakamuva yeChampionship, nakuba ngokwamaphuzu zisenalo ithuba lokuqeda isizini zisendaweni yesithathu kwi-log zizibekisele indawo emidlalweni yokuhlungela ukukhuphukela kwiDStv Premiership.
Ngaphambi komdlalo wangoLwisibili neVenda, iMaritzburg ibibhaxabule iMagesi FC ngo 2-0 ngempelasonto edlule, okuyiqembu elihlezu phezulu kwi-log yeChampionship.
Inqobe kade ibuya ekushayweni iMarumo Gallants ngo 1-0.
“Ngicabanga ukuthi yithina esizithwese umsebenzi onzima ngokulahla amaphuzu emidlalweni yethu yakamuva ikakhulukazi loya esadliwa kuwo yiMarumo, okwakungafanele ngempela sidliwe kuwona.
Nokho siwalungisile amaphutha emdlalweni wethu olandelayo neMagesi sakwazi ukubuya namaphuzu aphelele.
Ukunqoba kwethu la maqembu aphezulu kwi-log ukubala namaTuks esawashaya nawo, kuyinkomba yokuthi sizimisele kangakanani ngokuqeda isizini sisendaweni enhle kwi-log ezosinika ithuba lokuyodlala amaPlay-Offs.
Inselelo esibhekene nayo njengamanje eyokugcina umgqigqo nokugwema amaphutha angenasidingo kule midlalo yokugcina yesizini,” kusho uSlawula.
IMaritzburg izobhekana neHungry Lions, eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, kusasa ngo-3 ntambama.
“Le midlalo emithathu esisalele, ukubala nalo esiyowudlala neHungry Lions ngeSonto, seyifana neyamanqamu kithina, nokufanele nakanjani sibuye namaphuzu kuyona. Awukho nowodwa olula ngoba wonke amaqembu alwela amaphuzu kusukela eqenjini elisemsileni kwi-log elivika izembe kuya kwelihleli phezulu kwi-log kodwa siyazi ukuthi akhona azolahla amaphuzu.”
Ngaphandle komdlalo weHungry Lions iTeam of Choice isalelwe yiPlatinum City Rovers ekhaya, neJDR Stars ekuhambeni, ezovala nayo isizini ngoMeyi 19.
Amanye amaqembu asalwela ukuzibekisela indawo kumaPlay-Off kubalwa iBaroka FC, JDR Stars ne-Orbit College. IMagesi namaTuks yiwona maqembu ajahana eduze ngokwamaphuzu, nokungase kuphume phakathi kwawo womabili iqembu elizokhlala lemuke nesicoco seChampionship. Elizolala endaweni yesibili, neyesithathu lizodlala kweyokuhlunga ukuzibekisela indawo kwiPremiership.
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship:
NgeSonto - Ngo-3pm: JDR Stars v Orbit College (Giant Stadium); Baroka FC v Marumo Gallants (Global Stadium); Upington City v NB La Masia (Mxolisi Dicksy Jacobs Stadium); Casric Stars v Platinum City Rovers (Solomo Mahlangu Stadium); Magesi FC v Milford FC (Old Peter Mokaba Stadium); Pretoria Callies v Venda FC (TUT Stadium); Black Leopards v University of Pretoria (Thohoyandou Stadium); Maritzburg United v Hungry Lions (Sugar Ray Xulu Stadium).