UMDLALI wasesiswini kwiMaritzburg United, u-Andiswa “Jobe” Sithole, uthe ukunikwa ithuba lokudlala esigabeni seMotsepe Foundation Championship yileli qembu ukuthatha njengegxathu eliya phambili kuyena njengomdlali ophokophelele ukugcina efeze iphupho lakhe lokudlala esigabeni seDStv Premiership.
USithole (21), ungomunye wabadlali ababoshelwe yiMaritzburg kule sizini, iningi labo okungabadlali abasalambele impumelelo nokuzakhela igama ebholeni elikhokhelayo, njengoba leli qembu lidlala kwiMotsepe Championship okokuqala kule sizini ka-2023/24.
Yize leli qembu laseMgungundlovu linabo abadlali abambalwa abanamava, okubalwa kubo uFriday Samu, uSiboniso Chonco, uTshepo Gumede, uXolani Slawula noBrian Hlongwa, kodwa uSithole obedlala eqenjini leMaritzburg ebelidlala kwiDStv Diski Challenge, ungomunye wabadlali abanikwe ithuba esikimini esikhulu.
“Leli thuba engilinikwe ngumqeqeshi uDlangalala (Zipho) kule sizini, liyingqayizivele kimi futhi ngibona lizongiqinisa kakhulu ukhakhayi njengoba lesi sigaba seMotsepe Championship kuyisigaba esisondele kakhulu kwesePremiership ngokwezinga, uma kuqhathaniswa neseDiski Challenge.
Ngakho ngizimisele ukusebenza ngokuzikhandla, ukuze umqeqeshi asibone isidingo sokuthi ngihlale ngikhona esikimini,” kusho uSithole, oseqale imidlalo eyisithupha kweyisikhombisa esadlalwe yiMaritzburg kule sizini.
“Umqeqeshi uDlangalala usinika inkululeko yokuthi sidlale ngokukhululeka, akanayo inkinga nabadlali abadlala ibhola elinomjiko (njengaye), inqobo nje uma beya phambili.
Ngikholwa wukuthi ukudlala kwethu ngokukhululeka yikho okwenza sidlale ngale ndlela esidlala ngayo njengamanje.”
ITeam of Choice inqobe imidlalo emibili ilandelana ngaphambi kwekhefu leFifa, ibhaxabula iVenda FC ngo 5-1, yalandela ngokushaya iPlatinum City Rovers ngo 1-0.
Njengamanje isendaweni yesibili kwi-log yeMotsepe Championship ngamaphuzu angu-14 emidlalweni eyisikhombisa, ngemuva kwe-Orbit College eqhwakele phezulu ngamaphuzu angu-16 emidlalweni elinganayo.
Izobuyela ensimini ngomdlalo wasekuhambeni ngokubhekana neHungry Lions, eWindhoek Draught Park, eKimberley, ngo-Okthoba 22.
Lo mdlali wasesiswini odle ngomjiko nokushoshela phambili, ukhulele eSidakeni, eMsinga, kodwa uphekwe esikhungweni sebhola saseMgungundlovu, iMaritzburg City Youth Development Academy, lapho abecijwa khona wuSiphesihle “Trinity” Ngobese no-Andile “Sguda” Cele.
“Ngifike kwiMaritzburg City Academy ngo-2016, ngisuka eqenjini elincane leMsinga United ebelidlala kwiLFA yaseMsinga.
“Ngifunde lukhulu kwiMaritzburg City Academy ngaphansi komqeqeshi uSiphesihle no-Andile, ngaphambi kokuba ngiye kwi-Orlando Pirates, engidlale kuyo amasizini amabili eqenjini layo leDiski Challenge ngesizini ka-2020/21 neka-2021/22.
“Ukungahambi kahle kwezinto kwiPirates, kwenza ngabona kufanele ngibuyele ekhaya. La kwiMaritzburg ngidlale eqenjini leDiski Challenge ngesizini edlule njengoba kule sizini sengithola leli thuba lokudlala esikimini esikhulu,” kuphetha uSithole, onephupho lokudlala eSpain.