ISITOBHA seMaritzburg United, uBrian Hlongwa, sidalula isivumelwano nosihlalo weqembu esenze savuma ukwehlela ehlathini neTeam of Choice.
IMaritzburg igawulwe yizembe kwiDStv Premiership ekupheleni kwesizini ka-2022/2023 emuva kokwehluleka ukushaya iCape Town Spurs emdlalweni wokugcina wokuhlunga.
Lokhu kuholele ekutheni leli qembu lidedele inqwaba yabadlali, abanye balishiya njengoba seliyodlala kwiMotsepe Foundation Championship.
Kubadlali abasele eMphithi kukhona uHlongwa, Karim Kimvuidi odayiswa ngo-R12 million noRowan Human okuvela ukuthi akhona amaqembu amfunayo.
UHlongwa (27) uthe uvumelene nosihlalo weMaritzburg, uFarook Kadodia, ukuthi ahlale.
“Ngisalelwe wunyaka enkontilekeni yeminyaka emibili enombandela wokuyivuselela ngemibili engiyisayinile ngesikhathi ngifika lapha,” kusho uHlongwa.
“Ngizongena onyakeni wokugcina manje. Usihlalo ungitshele ukuthi angiyi ndawo, nami ngavuma. Sivumelene ngokuthi sizozama ukubuyisela iqembu kwiPremiership emuva kwesizini.
“Uma kungenzeki lokho, uzongidedela. Akalehlisanga iholo lami nendawo yokuhlala ayishintshile. Sinjalo isivumelwano sethu.”
Ngesizini edlule uHlongwa udlale imidlalo engu-11 yeligi, waphazanyiswa wukulimala. Uhlale ngaphandle kwaze kwaphela isizini.
“Ayingiphathanga kahle isizini edlule. Bekuyisizini yami yokuqala kwiPremiership. Iqale ngidlala kahle futhi ngikuthokozela lokho.
“Ngalimala i-achilles (umsipha ohamba ngemuva esithweni), ngahlinzwa. Ngakho ukubukela iqembu ngingadlali bekubuhlungu ikakhulukazi ngoba isimo bengisibona ukuthi sinjani.
“Akulula ukushona ezansi kodwa kufanele sikwamukele. Okubalulekile manje wukudlala ngoba ngifuna ukusiza iqembu libuye ngoba lingiphethe kahle.
“Ayikho into engingakhala ngayo. Ngesikhathi ngilimele bangihlelela ukuthi ngiyohlinzwa ngalolo suku. Bengithola umholo wami uphelele.
“Engifuna ukukwenza wukubakhokhela ngakho konke abangenzele kona ngokuthi iqembu libuye emuva kwesizini. Ngizodlala ngokuzikhandla.”
ITeam of Choice isivele iqalile ukulungiselela impilo entsha kwiChampionship.
Iqashe umqeqeshi onesipiliyoni uZipho Dlangalala ngethemba lokuthi uzoyibuyisela ngokushesha kwiPremiership.
UHlongwa, odlale kwiReal Kings nakuThongathi, uthe kuyamjabulisa ukufika kukaDlangalala kwazise umqeqeshile eqenjini leDStv Diski Challenge le-Orlando Pirates eminyakeni edlule.
“Umqeqeshi uZipho ngimazi kudala. Udlalisa ibhola elihle futhi lokho kuyabonakala nasejimini. Kuyangijabulisa ukuphinda ngiqeqeshwe nguye,” kusho uHlongwa.
“Ngikhulele kuye, ngikhuliswe nguye. Nguye umuntu owanginika ithuba kwiDDC esekwiPirates. Wanginika ithuba, wakholelwa kimi, wangisiza futhi.
“Nguye umuntu owangishintshisa indawo engangiyidlala, wangisusa phakathi esiswini wayongidlalisa maphakathi emuva ngenxa yobude bami.
“Wangitshela ukuthi ibhola liyashintsha, umdlali wasemuva kufanele anethezeke ebholeni, wathi uma ngikwazi ukudlala ezindaweni ezimbili ngizozibeka ethubeni kunabanye abadlali.”