INHLOKO yabaqeqeshi weMaritzburg United, uSimo Dladla, ukholelwa ekutheni sebeyibumbile inqanawe yeqembu ezokwazi ukulifaka emidlalweni yokuhlungela ukubuyela kwiDStv Premiership.
Ngaphansi kwalo mqeqeshi, iTeam of Choice ibukeka isivukile emaqandeni.
Emidlalweni emithathu yeMotsepe Foundation Championship egcine ukuyidlala, ivulele isibhaxu sika-2-0 kwiqembu ngalinye.
NgoLwesibili, ekhaya, eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont ibhaxabule iPretoria University esembangweni wesicoco seligi.
AmaTuks acijwa uTlisane Motaung, alele isibili ngamaphuzu awu-44 emidlalweni ewu-24.
Asezithendeni zeMagesi eqhwakele ngawu-46. IMaritzburg beyikade ihlule iPretoria Callies ne-Upington City ngaphambi kokubhekana namaTuks.
Sekuphele imidlalo eyisikhombisa yeligi ingawazi umpetshisi.
Kulesi sibalo, inqobe emine yadlala ngokulingana kwemithathu. Isendaweni yesithupha ngamaphuzu awu-35.
Abalandeli baleli qembu likaFarouk Kadodia, balindele ukuthi nanamuhla eSugar Ray Xulu, ngo-7.30 ebusuku, liqhubeke nokuvulela induku kwiMarumo Gallants esemsileni ngamaphuzu awu-21.
Kwegcine ukuwudlala iGallants, ibambane neMilford ngo-1-1. Bekuwumdlalo wesithupa kulandelana ihluleka ukunqoba.
Idliwe kwemine, yadlala ngokulingana kwemibili.
Ihamba phambili ngokungenelwa amagoli amaningi kulesi sigaba njengoba isivuzise awu-34.
UDladla utshele Isolezwe ukuthi uyaziqhenya ngabafana bakhe.
Uthe uma bengaqhubeka ngale ndlela ubona bezongena emidllaweni yokuhlungela.
Imidlalo yokuhlungela izodlalwa yiqembu elizoqeda endaweni yesibili nelizolala isithathu. Oqeda esicongweni uya ngqo kwiDStv Premiership.
Ebuzwa ngemfihlo yabo yakamuva, udalule ukuthi basizwa ukuqoqa lonke ulwazi ngezitha abazodlala nazo.
"Bengibancoma abadlali bami ngokuvuma ukuqeqesheka. Nakuba kusekuningi okumele sikulungise kodwa bayayilandela imiyalelo yethu.
“Namanje simatasa nokuhlaziya iMarumo, siqoqa lonke ulwazi ongalucabanga ngayo," kubeka uDladla.
Uthe ngendlela okuhamba kahle ngayo, ubona ekhona amathuba okungena kweyokuhlungela.
Udalule ukuthi ngesikhathi kuqala iligi usihlalo weqembu wayekubeke kwacaca ukuthi ufuna iqembu libuyele kwiDStv Premiership.
“Ngebhadi like laphazamiseka. Njemgamanje kubukeka sesilihlanganisile sinoPitso (Dladla oyiphini lomqeqeshi). Okuhle ukuthi sesilivikile izembe.
“Sesilwela ukungena kuma-play-off. Kuzoba nzima, nokho sizolwa kuze kube sekugcineni kanti ngeke silenze iphutha lokweya iMarumo,“ kuqhuba uDladla.
Uthe uke waba sesimweni esifana neseGallants esacija iReal Kings. Baphoxa inqwaba yamaqembu ayebazela ngobuso.
Amanye uthe bawavimba ekudlaleni kweyokuhlunga, kulokhu bazoqpha ngakho konke.
Umdlalo obhekwe kakhulu kule mpelasonto ngophakathi kwamaTuks neMagesi okusasa eTuks Stadium.
Imidlalo yeMotsepe Foundation yangempelasonto:
Namuhla-Ngo-3 pm: Maritzburg v Marumo (Sugar Ray Xulu).
Kusasa- Ngo-3pm: Upington v Leopards (Mxolisi Dicky Jacobs); Tuks v Magesi (Tuks); JDR v Venda (Soshanguve Giant); Rovers v Milford (Isak Steyl); Baroka v Casric (Global).
NgeSonto-Ngo-3 pm: Orbit v La Masia (Olympia); Callies v Lions (TUT).