UMGADLI weJDR Stars, uPrince Nxumalo, ukholwa wukuthi noma yiliphi iqembu kwayisishiyagalombili aphezulu kwi-log yeMotsepe Foundation Championship lisenethuba ngesicoco seligi.
I-JDR Stars eke yabalwa namaqembu aphezulu kwi-log yeChampionshiop ngasekuqaleni kwale sizini, ukulahla kwayo amaphuzu sekuyenze yahlehla yaze yafika endaweni yesishiyagalombili kwi-log.
Nokho, leli qembu lisazodlala namaqembu asembangweni wesicoco seligi, okubalwa kuwo i-University of Pretoria ne-Orbit College.
Ngemuva kwekhefu leFifa, imidlalo yeMotsepe Championship ibuyela ensimini ngoMsombuluko.
I-JDR izotholana phezulu neHungry Lions ngo-Ephreli 3, eMxolisi Dicky Jacobs Stadium, e-Upington.
“Yebo, ukulahla kwethu amaphuzu yikho okusihlehlisile kwi-log, kodwa sisenethuba elifanayo njengawo wonke amaqembu ukulwela amaphuzu kule midlalo esele.
Ngicabanga ukuthi kusukela eqenjini elihlezi phezulu njengamanje kuya eqenjini esindaweni yesishiyagalombili kwi-log, ithuba leligi lisekhona ngoba kule midlalo esele kusengenzeka noma yini,” kusho uNxumalo waseMlaza.
“Yize ukuhlala isikhashana kungadlalwa kuwuphazamisa kancane umgqigqo kodwa Ikhefu leNedbank neleFifa lisinikile ithuba lokuthi sikwazi ukulungisa amaphutha ethu.
Sidinga nje ukulwela ukubuya namaphuzu emidlalweni ezayo, singabheki ukuthi amanye amaqembu enzani.
Kodwa-ke iqiniso wukuthi kuningi okusengenzeka, asengaphenduka amatafula, nathi sisengakwazi ukungena kweyokuhlunga. Okuhle wukuthi sisazodlala namanye ala maqembu asembangweni weligi njengamanje.”
Njengamanje iMagesi FC yiyona esazihola phambili kwi-log yeMotsepe Championship ngamaphuzu angu-39, ilandelwa ezithendeni yi-University of Pretoria ngamaphuzu angu-38, isithathu kube yi-Orbit College ngangu-37.
Ngaphandle nje kokushabashekela ukubona iqembu lakhe liba sembangweni wesicoco seligi, uNxumalo ubalwa nabagadli abasembangweni weGolden Boot yeMotsepe Foundation Championship njengoba engowesibili kwabasahamba phambili ngokushaya amagoli kulesi sigaba.
UBethuel Muzeu weBlack Leopards nguyena osazihola phambili ngamagoli angu-11, uNxumalo ulandela ngangu-10, isithathu kube wuMbulelo Wagaba we-Orbit College.
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship:
Ngo-Ephreli 1 - Ngo-3pm: NB La Masia v Platinum City Rovers (TUT Stadium).
Ngo-Ephreli 2 - Ngo-3pm: University of Pretoria v Milford FC (Tuks Stadium); Marumo Gallants v Casric Stars (Isak Steyl Stadium); Venda Football Academy v Black Leopards (Thohoyandou Stadium); Pretoria Callies v Magesi FC (TUT Stadium).
Ngo-Ephreli 3 - Ngo-3pm: Hungry Lions v JDR Stars (Mxolisi Dicky Jacobs Stadium); Baroka FC v Orbit College (Global Stadium).
Ngo-7.30pm: Maritzburg United v Upington City (Sugar Ray Xulu Stadium).