UMGADLI weLamontville Golden Arrows, uRyan Moon, uzethwese ijoka lokuyibhakuzisa okungenani amahlandla ayishumi kuya phezulu inethi kule sizini yeDStv Premiership.
UMoon waseMgungundlovu akakaze awashaye amagoli angaphezulu kwayishumi kusukela aqala ukudlala esigabeni esikhokhelayo ngo-2016.
Waqala eqenjini langakubo iMaritzburg United kodwa wayishiya ngokushesha waya kwiKaizer Chiefs.
Yize wafika ethwelwe ngeqoma kuMakhosi, nakhona akuzange kuhambe kahle okufakazelwa ukuthi emidlalweni engu-32 kuleli qembu, inethi wayibhakuzisa amahlandla amahlanu kuphela.
NakwiStellenbosch FC akuhlangananga, washaya amagoli amahlanu emidlalweni engu-35.
UMoon uthole amadlelo aluhlaza ngo-2021 ngesikhathi esayiniswa iVarbeg yaseSweden lapho edlale khona imidlalo engu-25 kodwa inethi wayibona kasikhombisa.
Ngesizini edlule ubuyele kuleli, wajoyina i-Arrows, ushaye amagoli amane emidlalweni engu-24.
Engxoxweni yakamuva abe nayo neSolezwe ngezifiso zakhe zakule sizini, uveze ukuthi ufuna izibalo ezingcono phambi kwamapali.
Kumthathe imidlalo emibili yesizini entsha ukuthi ashaye igoli lakhe lokuqala njengoba kunguyena ovule inkundla ngesikhathi i-Arrows inqoba ngo 2-1 kwiRichards Bay FC ngoLwesibili eKing Zwelithini Stadium.
“Akuwona umqondo ophusile ukuzikalela isibalo samagoli uma uwumgadli kodwa kulokhu ngizokwenza okungenziwa ngizibekele okungenani ayishumi kuya phezulu,” kusho uMoon kwiSolezwe.
“Iligi ngiyayazi futhi ngeke ngibenalo ithuba lokucasha ngesithupha ngithi ngike ngaya phesheya kwezilwandle ngoba isizini edlule ngiyigijime yonke.
“Ngiyaqonda ukuthi nezitobha sezingazi kangcono kodwa nami ngiyazazi zonke ubuthaka bazo kanjalo nalapho zilukhuni khona,” kusho uMoon muva nje.
UVusi Vilakazi ongomunye wabaqeqeshi kwi-Arrows uzwakalise injabulo ngendlela iqembu lakhe elihlangana ngayo. I-Arrows isinamaphuzu amane emidlalweni emibili. Kowokuqala ibambane ngo 1-1 neMoroka Swallows.
“Sinabafana abancane abaningi ngakho-ke kunezikhathi lapho sizozithola simincile njengoba kwenzekile emidlalweni yethu emibili yokuqala yesizini,” kusho uVilakazi esithangamini nabezindaba emuva koweBay.
“Ngokuhamba kwesikhathi bazojwayela abafana kodwa nabadlali asebenokhakhayi oluqinile kungumsebenzi wabo ukuhola laba abancane ngesinono.
“Siqine ngokwanele emuva kodwa kusafanele sisebenze kakhulu ekuqedeleni amathuba esiwatholayo,” kulandisa uVilakazi.