NAKUBA kubhede ngasekugcineni kwiMarumo Gallants kwiCaf Confedaration Cup, kodwa uRaymond Mdaka ongumqeqeshi waleli qembu uzizwa ehloniphekile ngebanga abalihambile kulo mqhudelwano yize kuthombe okhiye sebeyibukela eduze intambo.
IGallants esempini yokubalekela ukugencwa yizembe kwiDStv Premiership, imangaze abaningi ngesikhathi ihamba ize iguqa kowandulela owamanqamu walo mqhudelwano owaziwa ngokudlalwa amaqembu athathwa njengezikhondlakhondla zamaqembu ase-Afrika.
Kugcine kubhede kwiGallants ngesikhathi ishaywa iYoung Africans SC (Yanga) yaseTanzania ngo-2-1 kowomlenze wesibili walo mdlalo obuseRoyal Bafokeng Stadium ngoLwesithathu.
Kowomlenze wokuqala eDar es Salaam, ezikaMdaka zishaywe ngo-2-0.
“Engingakusho ukuthi balwenze ngendlela ucwaningo lwabo ngoba singene khaxa ogibeni abebesicuphele lona ngokuhlala kwabo emuva bese besibamba ngejubane njengoba benzile kuwona womabili amagoli,” kusho uMdaka ethimbeni labezindaba leGallants ngoLwesithathu.
“Siqale kahle kodwa kuthe uma kungena igoli lokuqala zaqala zabheda izinto ngoba nelesibili igoli lingene ngenxa yokuba buthaka kwethu ngasejubaneni kubadlali basemuva.
“Ngaphandle kwalokho, abafana badlale kahle futhi ngikholelwa ekutheni amathuba esiwatholile kulo mdlalo abekwanele okungenani ukuwuyisa esikhathini esengeziwe kodwa kwangenzeka,” kulandisa yena.
UMdaka uyaziqhenya ngabadlali bakhe ngebanga abalihambile naye uzizwa ehloniphekile.
“Bakwenze konke ebesingakucela kubona abadlali ngakho-ke engingakusho kubona ukuthi kuyolunga ngelinye ilanga nokuthi ngiyaziqhenya ngabo.
“Siyayibongela iYanga kodwa kufanele siziqhenye ngesikwenzile ngoba kukhulu. Besingaqali ukudlala e-Afrika kodwa kulokhu senze kakhulu kangangokuthi nami ngizizwa ngihloniphekile,” kuphetha uMdaka.
Igoli lokubika ekhaya leGallants lishaywe uRanga Chivaviro, obese kungelesithupha kwiConfed kule sizini obekumenza abambane embangweni womshayi magoli ophambili, noFiston Mayele, weYanga naye oshaye elesithupha ngoLwesithathu.
Unethuba-ke nokho uMayele lokuwandisa njengoba bezodlala kowamanqamu ne-USM Alger yase-Algeria.