AKATHUKILE ngesimo abakusona ngenxa yomphumela womlenze wokuqala umqeqeshi weMarumo Gallants, uRaymond Mdaka. Uthi basijwayele isimo futhi kuzobe sekubuye izithenjwa zakhe ebezingekho beshaywa yiYoung Africans SC yaseTanzania.
IGallants ishaywe yiYanga (isiteketiso seYoung Africans), ngo 2-0 emdlalweni womlenze wokuqala weCaf Confederation Cup ngoLwesithathu eDar es Salaam.
Ngenxa yalo mphumela, leli qembu laseNingizimu Afrika limelwe wukunqoba ngamagoli amathathu noma ngaphezulu uma lizimisele ngokuba yingxenye yowamanqamu womqhudelwano.
Umdlalo womlenze wesibili ungoLwesithathu ngo-6 ntambama, eRoyal Bafokeng Sports Palace, ePhokeng.
Nakuba kubukeka kuwumqansa kwiGallants lokhu kodwa uMdaka akathukile ngoba ebuswa wukuthi iYanga ibingenzima kunezithenjwa zakhe ezizobe sezibuyile, nokuthi sebeke babuya kubukeka sengathi ngeke kwenzeke kuyona le sizini.
“Akuwona umdlalo esishaywe kuwona ngoba isitha sethu besinzima kepha kwenzekile njengoba kuke kwenzeke emdlalweni kanobhutshuzwayo,” kusho uMdaka ekhuluma nethimba labezindaba leGallants.
“Sithole inqwaba yamathuba alula, ikakhulukazi esiwombeni sesibili kodwa sangawasebenzisa ngendlela, bona bathola amabili bawanamathisela enethini.
“Bekungewona umdlalo onzima ngokwethu, yikhona nje ukuthi asizange siwasebenzise amathuba (kukhona amane alula kakhulu esiwayeke elandelana esiwombeni sesibili),” kubalisa uMdaka.
Lo mqeqeshi akangabazi ukuthi iqembu lakhe linawo amava okuguqula umphumela abawuthole eTanzania.
“Asithukile ngenxa yalo mphumela ngoba silibonile iqembu ebesibhekene nalo ukuthi singalehlula ekhaya, uma sizowasebenzisa amathuba esiwatholayo.
“Siyakholelwa ekutheni sisengabuya sishaye amagoli adingekayo kodwa konke kulele ekutheni sisheshe silishaye igoli ukuze kuzonyomfeka izinhlelo zabo.
“Kucacile ukuthi kunezithenjwa ebezingekho ngenxa yezizathu ezahlukene (uCelimpilo Ngema, Lebohang Mabotja noLesiba Nku), ngakho-ke isikimu sizobe sihlukile.
“Ngaphandle kokubukela phansi iYanga, uma uzokhumbula kahle sidlale ne-USM Alger e-Algeria, kwabukeka sengathi ingcono kakhulu kunathi kodwa kuthe uma sibuyela ekhaya sazijika kalula izinto.
“NakwiYanga sibheke ukwenza into efanayo. Okusemqoka kunakho konke wukuthi singangenelwa yigoli,” kuphetha uMdaka.
Khonamanjalo kusasa iMamelodi Sundowns izobhekana neWydad Casablanca yaseMorocco kowomlenze wokuqala kowandulela owamanqamu weCaf Champions League. Umdlalo ungo-9 ebusuku. Komunye owandulela owamanqamu kulo mqhudelwano i-ES Tunis yaseTunisia izokwamukela iqembu lase-Egypt, i-Al Ahly namuhla ngo- ebusuku.