USIHLALO weMarumo Gallants, u-Abram Sello, ujabule ngokuvuka kweqembu lakhe ngoba imiphumela yakamuva isilisusile emsileni. Phambilini iqimebu belilengela wukugawulwa yizembe kwiMotsepe Foundation Championship.
Kulezi zinsuku iqembu laseLimpopo, liyaqhubeka nokunikeza abalandeli balo ithemba lokuthi alehleli kwi-Safa ABC Motsepe League. Ngempelasonto edlule libhaxabule Platinum City Rovers ngo-3-0. Kowandulela lowo mdlalo belishaye iMaritzburg United.
IGallants beyiphuma ekudlaleni ngokulingana neMilford. Ukuthola imiphumela emihle kwakamuva kuyisusile endaweni yokugcina kwi-log yeMotsepe Foundation, ebese ihlale kuyo isikhathi eside.
Nakuba lingakaphephi iqembu ezembeni kodwa izindaba ezilinika ithemba ukuthi selikweyesi-14, ngamaphuzu awu-27, emidlalweni ewu-26. Libambene neVenda Football Academy ekweyesi-15. Kweyokugcina kuneRovers, ngawu-24.
IMarumo eteketiswa ngeBahlabane Ba Ntwa, yehlele kwiMotsepe Foundation ekupheleni kwesizini edlule idliwa yizembe kwiDStv Premiership. Kwenzeke lokhu ekubeni ifinyelele kowandulela owamanqamu eCaf Confederation Cup.
USello ukhale ngezinkinga ezibahlasele kule sizini, ngesikhathi ebuzwa yiphephandaba ngembangela yokungenzi kahle kweqembu lakhe.
"Okwamanje angikakabi sesimeni sokwenaba ngembangela yokungenzi kahle kule sizini. Sihlaselwe yizinkinga engizokwazi ukuxoxa ngazo uma kuphela isizini," kubeka uSello.
Uthe yize benezinkinga kodwa abalubhadi kwi-ABC Motsepe. Kunalokho ubona benethuba lokuqeda emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu.
"Kuyajabulisa ukuthi siqala ukunqoba imidlalo ngesikhathi esibucayi kanjena. Kule midlalo emine esisalele sizokwenza isiqiniseko sokuthi siqeda kwiTop 8. Lihle kakhulu ibhola esilidlalayo. Okubalulekile ukuthi sivike izembe bese siqala ukulungiselela isizini ezayo. Kuyo sizolwela ukubuyela esigabeni esikhulu," kusho uSello.
Kusasa ngo-3 ntambama, iGallants izobhekana nomkhaya bawo, iBlack Leopards, eLucas Masterpiece Moripe Stadium. ILidoda Duvha ikweyesi-11, ngawu-33. Ngemuva kwalo mdlalo iMarumo izosala ngoweBaroka, La Masia nowe-Orbit College.
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship yaleli sonto:
NgoLwesibili-ngo-3 pm: Orbit v Lions (Olympia Park); Upington v Barok (Mxolisi Dicky Jacobs); Venda v Maritzburg (Thohoyandou).
NgoLwesithathu-ngo-3 pm: Rovers v Magesi (Isak Steyl); Milford v Casric (Princess Magogo); Tuks v JDR ( Tuks Stadium); La Masia v Callies (Dobsonville); Marumo v Leopards (Lucas Masterpiece).