UMDLALI wasesiswini, oke wathishwa njengoyikusasa leqembu lesizwe iBafana Bafana, uGrant Magerman, uzimisele ngokwenza konke okusemandleni ukuqeda ukuba umdlalo wokubolekiswa asephenduke yena kusukela efike kompetha beDStv Premiership, iMamelodi Sundowns.
Lo mdlali waseKapa, oneminyaka engu-24 ubudala nosewadlalele wonke amaqembu esizwe amancane, ufike kwiSundowns ngo-2020, esuka kwi-Ajax Cape Town lapho abegqame khona edonsa neso labaqeqeshi bamaqembu esizwe.
Ngesikhathi efika kwiSundowns, uMagerman ubethwelwe ngeqoma ukuthi uzoba omunye wabadlali ezoqeda ngabo amaqembu kodwa ukushisa kwensimbi embangweni wesikimu waphoqa ukuthi abolekiswe.
Uthenjiswe ithuba lokudlala kwiSwallows FC lapho afike khona waba omunye wabamqoka ekutheni leli qembu laseDobsonville, eSoweto lisinde ngokulambisa ezembeni ngesizini edlule.
Ngesikhathi ezitshela ukuthi udlale ngokwanele futhi usevuthwe ngokugcwele ukuthatha iso labaqeqeshi be’Downs, uRhulani Mokwena, Manqoba Mngqithi noSteve Komphela, uzithole esebolekiswa komakhelwane iSuperSport.
Ekhuluma nabezindaba maphakathi nesonto ngesikhathi iSuperSport ilungisela umdlalo wakusasa weligi neSundowns, uMagerman, ongeke adlale ngenxa yezivumelwano zala maqembu womabili, uzwakalise ukukhathazeka ngalolu dumo lokubolekiswa olukhulayo kodwa anesifiso sokuluqeda.
“Angizimisele ukwaziwa njengomdlali obolekiswayo kuwona wonke amasizini, yingakho ngizama ngakho konke enginakho ukuthi ngisebenzele ukuthi iSundowns ibone ukuthi sengikulungele ukudlala kuyona,” kusho uMagerman kwabezindaba.
“Ngiyafisa ukudlala kwiSundowns ngiyisize iwine ezinye izicoco kodwa okuyikhona okusemqoka ukuthi sengikule minyaka ephoqa ukuthi ngiyidlale yonke imidlalo.
“Ngiyakholelwa ethalenteni lami futhi ngiyazi lingangiyisa kude kodwa sekuyisikhathi sokuthi ngikukhombise enkundleni lokhu kuyona yonke imidlalo engiyingxenye yayo.”
ISundowns neSuperSport banesivumelwano sokuthi bangadlaliswa abadlali Amatsatsantsa ebaboleke kulabo mpetha uma la maqembu ebhekene. Abanye abadlali ababolekiwe unozinti uRicardo Goss noThabang Sibanyoni.
Umdlalo weligi ngoLwesihlanu ngo-7.30 ebusuku, eLucas Moripe Stadium.
UMagerman uzibophezele ekutheni kuthi kuqambe kusongwa le sizini abe esebalwa nabanye babadlali abaphambili kwiligi.
“Konke kukimina ngoba uma ngigqama kule sizini nakanjani iSundowns izongibona kodwa okuhle ngalokhu ukuthi ngesikhathi esifanayo ngizobe ngisiza iSuperSport okuyiyona enginike ithuba lokuba senkundleni okwamanje,” kusho yena.