UMDLALI obolekiswe yiMamelodi Sundowns kwi-All Stars, uPromise Mkhuma, ukhuthazwa yimpumelelo yomgadli uCassius Mailula afika kanye naye eChloorkop.
UMkhuma uzakhele ugazi eshaya into ecokeme kwiDStv Diski Challenge eminyakeni edlule ngaphambi kokunyuselwa esikimini esidlala kwiDStv Premiership ngumqeqeshi uPitso Mosimane ngesizini ka-2019/2020.
Nokho ufike waphenduka ukudla kwebhentshi. Ngasekuqaleni kwesizini ka-2022/2023, iSundowns imbolekise kwiSwallows kodwa wagcina engadlalanga ngenxa yesigwebo seFifa ebesithweswe Izinyoni ebesizivimbela ukubhalisa abadlali abasha.
Lokhu kuholele ekutheni uMkhuma adluliselwe kwi-All Stars edlala kwiMotsepe Foundation Championship ekupheleni kukaJanuwari. Emidlalweni eyisihlanu, useshaye amagoli amabili.
"Ngiyabonga kwi-All Stars ngethuba nakwiSundowns ngokungithumela lapha ukuze ngizothola ithuba lokudlala ngoba akulula laphaya ebesingihlale khona unyaka nesigamu ngingadlali.
“Ukuba kwiSundowns akulula njengoba kunalaba badlali abadlalayo. Njengoba ngilapha izinto ziyahlangana, i-All Stars iyiqembu elihle elidlala isitayela esifanayo neseSundowns," kusho uMkhuma.
Uthe nguyena ozicelele ukubolekiswa nayo iSundowns yavuma emva kokubuyela khona ngoJanuwari.
Akafunanga ukuthola ingcindezi kwelinye iqembu njengoba ebekwiSwallows angadlalanga kuyona ukufika kule liqembu kumsize kakhulu.
Abanye abadlali ababolekiswe naye kwi-All Stars nguKeletso Makgalwa noMalebogo Modise kanti uThabiso Sesane ukwi-Orlando Pirates.
Njengoba abadlali beSundowns bezama ukuthola isipiliyoni kwamanye amaqembu, asevulekile amathuba abadlali abasebancane ngaphansi komqeqeshi uRhulani Mokwena.
Ekuqaleni kwesonto uMokwena ufake uSiyabonga Mabena oneminyaka engu-16 bedlala neRoyal AM koweDStv Premiership.
Ngaphandle kukaMabena nguSiyanda Nyanga, Ntando Buthelezi noJerome Karelse ohamba phambili ngamagoli kwiDiski Challenge abanikezwe amathuba.
"Inhloso yami wukubuyela kwiSundowns ngoba ngizalwa khona, ngiqale ukudlala ibhola khona. Kuyangikhuthaza kakhulu ukubona abafana abancane bedlala ukuze bazibonakalise ngoba isikhathi uma kungesakho kufanele usisebenzise.
“Ngakho ngiyajabula kakhulu uma ngibona uCassius esifike naye kwiSundowns enza kahle. Uma ephumelela ngiyakhuthala kanti naye usho okufanayo ngokuthi buya ndoda sizosebenza.
“Ngithemba ukuthi ngizosebenza kahle lapha, ngiqale isizini ezayo kwiSundowns," kusho uMkhuma.
Ngemuva kwemidlalo yakuleli sonto yeMotsepe Foundation, iCape Town All Stars izihola phambili ngamaphuzu awu-47 emidlalweni ewu-23.
Ilandelwa iPolokwane City neCasric Stars babambeme ngamaphuzu awu-46 endaweni yesibili neyesithathu.
Iqembu elizoqeda liqhwakele lizongena kwiDStv Premiership, abasendaweni yesibili neyesithathu bazodlala kweyokuhlunga neqembu elizoqeda endaweni ka-15 kwiligi enkulu.
ElikaMkhuma libambe indawo yesihlanu ngamaphuzu awu-35.
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship:
Namuhla - Ngo-3.30pm: Platinum City Rovers v University of Pretoria (Olen Park); MM Platinum v Magesi (Tsakane Stadium)
Kusasa - Ngo-3.30pm: Black Leopards v Casric Stars (Malamulele Stadium); All Stars v Hungry Lions (Tsakane Stadium); Uthongathi v TTM (Princess Magogo Stadium); Baroka v JDR Stars (Global Stadium).
NgeSonto - Ngo-3.30pm: Venda Football Academy v Polokwane City (Thohoyandou Stadium); Cape Town Spurs v Pretoria Callies (Athlone Stadium).