YIZE iMamelodi Sundowns isingene ngonyawo olulodwa esigabeni samaqoqo seCaf Champions League kodwa umdlali wayo wasemuva, uThapelo Morena, uthi ngeke bayithathe kancane iMbabane Swallows yaseSwatini abayihlule kalula kowomlenze wokuqala.
ISundowns izigwazele ibhece kwiMbabane iyithela isibhaxu sika 4-0 emdlalweni womlenze wokuqala wesigaba sesibili sokuhlungela ukungena kwesamaqoqo eChampions League eLucas Moripe Stadium e-Atteridgeville ngoMgqibelo odlule.
La maqembu azophinda atholane phezulu kowomlenze wesibili khona eLucas Moripe Stadium namuhla ngo-6 kusihlwa.
Njengoba amaSandawana ezoya kulo mdlalo nje eshayela phezulu ngenxa yokuvunwa yisibalo samagoli, ngakolunye uhlangothi uMkhonto kaShaka ubhekene nomqansa ongakhwelwa mbongolo wokuhlohla amagoli amahlanu, wona ungangenelwa lutho ukuze wedlulele esigabeni samaqoqo seChampions League.
“Okubaluleke kakhulu kithina badlali wukuthi sigxilise imiqondo yethu emdlalweni, singawuthathi kancane ngoba sizitshela ukuthi sihamba phambili ngamagoli amane omdlalo womlenze wokuqala. Njengoba umqeqeshi (uManqoba Mngqithi) eshilo, kuzoba wumdlalo onzima. Banabadlali abasheshayo (abeMbabane), okuyingakho emdlalweni wethu nabo womlenze wokuqala senza isiqiniseko sokushesha sishaye amagoli ukuze sibabambe bese sidlala ibhola lethu esilijwayele,” kusho uMorena.
UMorena usengumakadebona emidlalweni yeChampions League nakuba esezithola ephuma engena esikimini esiqala imidlalo seSundowns. Kodwa ngaso sonke isikhathi uma enikwe ithuba ushaya into ecokeme.
Lo mdlali, okwazi ukuyiqongqotha emuva ngakwesokudla aphinde ayibambe phambili ngasohlangothini lwesokudla, uthe ubeka phambili iqembu kunokubeka phambili izinhloso zakhe njengomdlali.
“Ngicabanga ukuthi into ebaluleke kakhulu yiqembu. Sidlalela iqembu elikhulu esaziyo sonke singabadlali ukuthi kufanele silibeke endaweni efanele. Ngakho akukho mayelana nami kodwa kungeqembu nokwesekana singabadlali enkundleni. Ngisho ngingangadlala mina, kudlale omunye umdlali endaweni engiyidlalayo, kufanele ngimhloniphe ngimeluleke ukuthi kumele enzenjani ukuthi adlale kangcono ngoba emdlalweni olandelayo kungaba yimina odlalayo nozophinda adinge ukwesekwa,” kusho uMorena.