XOLILE MPISANE
UCHAZEKILE umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, ngabadlali abangavamisile ukuthola ijezi, ngokungalehlisi izinga leqembu behlula iRichards Bay ngo 3-2 kowe-last 32 yeNedbank Cup eLoftus Versefld ngoLwesibili ebusuku.
NguPeter Shalulile oshaye amagoli amabili, nelilodwa likaMosa Lebusa.
UNkanyiso Zungu noKatleho Makateng bashaye aweBay.
UMokwena wenze izinguquko eziyisikhombisa, waqalisa inqwaba yabadlali abangavamisile ukusithola isikimu, njengoDenis Onyango, Lebusa, Bongani Zungu, Lesedi Kapinga, Surprise Ralani noSipho Mbule waba ngumdlali ovelele eqala ukuqala umdlalo kwiSundowns.
UKapinga ube nesandla kuwona womabili amagoli kaShalulile, uZungu, Mbule noRalani nabo badlale kahle esiswini.
"Balapha ngoba bafuna ukuba lapha futhi bonke basethubeni lokukhethwa. Baningi abadlali abashaye into ecokeme kulo mdlalo, yingakho iqembu lidlale kahle kakhulu," kusho uMokwena.
“Angisiye umuntu othanda ukuncoma abadlali abathile ngoba baningi abadlale kahle.
“UKapinga ukhombisile ukuthi angalenzelani iqembu. Uyazi ukuthi ngimkhonze kangakanani njengomdlali webhola futhi njengomuntu. Ungumuntu olungile, othulayo kodwa usebenza ngokuzikhandla.
"Yilokhu esikulindele kubo bonke abadlali abamela iqembu futhi balisebenzisile ithuba. UKapinga ubengalishaya negoli noma amabili ukube uthathe izinqumo ezingcono.
UMokwena uphinde wakubeka kwacaca ukuthi uZungu osebuya ekudlaleni ePortugal, France naseScotland, usamelwe wukulilwela ijezi.
"UZungu kumele akuqonde ukuthi kumele aqhudelane nawo wonke umuntu ngoba impilo injalo. Siyabeluleka bonke abadlali bethu futhi wonke umuntu kumele ayilwele indawo eqenjini," uqhube kanje.
“Kumele ulwe ngendlela efanayo nasempilweni ngoba akukho lutho lwamahhala. Kudingeka ube sesimweni esihle kakhulu somzimba futhi uqine ngokomqondo ngoba lezo yizinto impilo ezozifuna kuwe."
AmaSandawana asezogxila kwiCaf Champions League abuyela kuyo nge-Al Hilal yaseSudan eLoftus Versfeld ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.