UNCOME iqembu lakhe ngokubuya namaphuzu kunzima emdlalweni wokuvula weWomen's Caf Champions League, umdlali wasesiswini weMamelodi Sundowns Ladies, uChuene Morifi.
AmaSandawana aqale kahle ukuvikela isicoco sawo ngesikhathi ethela phansi iBayelsa Queens yaseNigeria ngo 2-1 emdlalweni wokuqala kuGroup B obuseMarrakech Stadium, eMorocco, ngoMsombuluko ebusuku.
Amagoli womabili avalelwe nguLelona Daweti ngokuhlukana kweziwombe, eleQueens laqhamuka kuMary-Magdalene Anjor ngasekupheleni kwesiwombe sesibili.
Kwale kancane ukuthi iQueens ithole igoli lokulinganisa emizuzwini yokugcina kodwa kwasebenza unozinti weSundowns, u-Andile Dlamini, elekelelwa yizitobha zakhe.
“Umdlalo ubunzima. Ngicabanga ukuthi bekufana nangesizini edlule lapho siqale khona umqhudelwano neqembu eliqinile eliqhamuka eNtshonalanga ne-Afrika. IQueens ingelinye lamaqembu aphezulu futhi inabadlali abadlalela iqembu lesizwe lika-Under 20," kusho uMorifi.
"Besinovalo ngasekuqaleni komdlalo, besizama ukuzifaka emdlalweni kodwa bekunzima. Ngokuqhubeka komdlalo sikwazile ukudlala ngendlela esijwayele ukudlala ngayo. Siwasebenzisile amathuba ethu nokuyinto engicabanga ukuthi ibalulekile kulo mqhudelwano.
"Sijabule ngokubuya namaphuzu amathathu ngoba bekungelula kodwa siyazi ukuthi sidinga ukukhuphula izinga emidlalweni ezayo. Asinaso isikhathi esiningi ngoba umdlalo olandelayo useduze kodwa kufanele siqhubeke nokusebenza. Siwubheke ngabomvu umdlalo olandelayo, silindele ukuthi ube nzima nawo."
Iqembu likaJerry Tshabalala lizobhekana neWadi Degla kusasa ngo-6 ntambama. Leli qembu lase-Egypt liwuvule ngebatha umqhudelwano lidliwa yiTP Mazembe yaseDemocratic Republic of Congo ngo 1-0.
KuGroup A, iGreen Buffaloes yaseZambia ixebule iDetermine Girls FC yaseLiberia 4-0, osokhaya, i-AS FAR, baguqisa iSimba Queens yaseTanzania ngo 1-0.