UKUNQOBA kweMamelodi Sundowns kwi-Orlando Pirates obekungokwehlandla lika-15 kulandelana kwiDStv Premiership, kukucacisile ukuthi leli qembu likaRhulani Mokwena lisemgqeni wokwenza isizini ka-2022/2023 ibe ngenye yangcono ake abonakala emlandweni webhola laseNingizimu Afrika.
ISundowns esivele iliphulile irekhodi lemidlalo eminingi yeligi ilandelana ingehlulwa, inqobe kwiPirates ngo-1-0 wegoli elishaywe, nguCassius Mailula, ngemizuzu yokuqala e-Orlando, ngoMgqibelo.
Uma iSundowns izoqhubeka ngalo mgqigqo, isendleleni yokuliphula futhi irekhodi layo lamaphuzu angu-71 emidlalweni engu-30 elibeke ngesizini ka-2015/2016 ngoba bazoqeda bena-78.
Amawini amaningi azohamba neSundowns kule sizini kanti kusobala futhi ukuthi yiyo ezoqeda inamagoli amaningi kunabo bonke ekubeni kuyiyo futhi engenelwe ngamancane.
Yize konke kubukeka kunjalo kodwa uMokwena akafuni ukubuka kude ngaphandle kokushayela ezakhe ihlombe ngendlela ezizimisele ngayo kunzima kwiPirates.
Ngokwezibalo, iPirates ibiwuphethe lo mdlalo kodwa igoli likaMailula, alishaye ngomzuzu wesithupha kugcine kube yilo elenza umehluko
“Ubunzima ngendlela eyisimanga lo mdlalo ngoba bekubhekene amaqembu amabili aseqophelweni eliphezulu futhi ngiyavuma ukuthi iPirates iyona ebiwuphethe,” kusho uMokwena kwabezindaba emuva komdlalo.
“Ngiyababongela bonke abathintekayo kwiSundowns futhi indlela ebebephume ngayo sibhekene nePirates, isithobisile.
“Bekusiphoqa ukuthi lo mdlalo siwugijime ngendlela okwenziwa ngayo emidlalweni emikhulu. Asizange sidlale ngendlela ebesifisa ngayo.
“Eqinisweni ngisale ngihlabeke umxhwele ngendlela esiyivimbe ngayo iPirates uma uzokhumbula ukuthi thina sivimba abantu ngokubancisha ibhola,” kuqhuba yena.
“Ngizishaya isifuba ngalaba badlali enginabo ngoba uma isimo siphoqa ukuthi bathwale kanzima, benza njalo (okuyinhlanhla yethu kwiSundowns, sinabadlali abangabantu abaqotho nangaphandle kwenkundla).
“Lona ngomunye wemidlalo esiyidlale ngokuzimisela ukuyedlula yonke kule sizini. Konke kodwa kulele kubadlali esingelutho ngaphandle kwabo.
ISundowns ivule igebe lamaphuzu angu-23 esicongweni lapho ilandelwa khona iSuperSport United.